Read 1 Thesalonika Chapter 5 Online
Read 1 Thesalonika Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Thesalonika in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Thesalonika and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 Thesalonika 5
Isahluko 5
1. Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa,
2. ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.
3. Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.
4. Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela,
5. ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama;
6. ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
7. Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku;
8. kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa;
9. ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu
10. owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.
11. Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
12. Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo,
13. nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.
14. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.
15. Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
16. Thokozani njalo;
17. khulekani ningaphezi;
18. kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
19. Ningamcimi uMoya;
20. ningakudeleli ukuprofetha;
21. vivinyani konke, nibambisise okuhle;
22. dedani kukho konke okubonakala kukubi.
23. Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.
24. Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
25. Bazalwane, sikhulekeleni.
26. Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele.
27. Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.
28. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.
About 1 Thesalonika Chapter 5
Read 1 Thesalonika Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Thesalonika in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 Thesalonika
Chapter: 5
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Thesalonika. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 Thesalonika Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 Thesalonika Chapter 5?
1 Thesalonika Chapter 5 is part of the Book of 1 Thesalonika in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 Thesalonika Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1-thesalonika
Explore More from ITestamente Elisha
- Johane Chapter 3
- KumaHeberu Chapter 7
- 2 Petru Chapter 1
- Luka Chapter 13
- 2 Korinte Chapter 3
- IsAmbulo Chapter 7
- Filipi Chapter 4