Read 1 Korinte Chapter 5 Online
Read 1 Korinte Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Korinte and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 Korinte 5
Isahluko 5
1. Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.
2. Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.
3. Ngokuba mina ngokwami, noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona ngomoya, senginqumile ngokungathi ngikhona ngalowo muntu owenze okunjalo ukuba
4. egameni leNkosi uJesu nihlangane nina nomoya wami kanye namandla eNkosi yethu uJesu,
5. onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.
6. Akukuhle ukuzibonga kwenu. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na?
7. Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengalokhu ningabangenamvubelo. Ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.
8. Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.
9. Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe;
10. angisho izifebe zalo mhlaba, nokuba abahahayo nabaphangi, nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;
11. kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.
12. Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na?
13. Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.
About 1 Korinte Chapter 5
Read 1 Korinte Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Korinte in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 Korinte
Chapter: 5
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Korinte. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 Korinte Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 Korinte Chapter 5?
1 Korinte Chapter 5 is part of the Book of 1 Korinte in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 Korinte Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1 Korinte
- 1 Korinte Chapter 1
- 1 Korinte Chapter 7
- 1 Korinte Chapter 16
- 1 Korinte Chapter 10
- 1 Korinte Chapter 8
- 1 Korinte Chapter 6
- 1 Korinte Chapter 12
Explore More from ITestamente Elisha
- Johane Chapter 18
- AmaRoma Chapter 13
- 2 Korinte Chapter 1
- Luka Chapter 16
- 2 Thimothewu Chapter 3
- Marku Chapter 16
- Galathiya Chapter 2