2 Thesalonika Chapter 2

For English

Read 2 Thesalonika Chapter 2 Online

Read 2 Thesalonika Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Thesalonika in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Thesalonika and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 Thesalonika 2

Isahluko 2

1. Kepha siyanxusa, bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo,

2. ukuba ningasheshi ninyakaziswe engqondweni yenu, ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKristu selufikile.

3. Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa,

4. omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.

5. Anikhumbuli yini ukuthi ngisekhona kini nganitshela lokho na?

6. Senikwazi okumbambezelayo, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe.

7. Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza, kuphela ukuze kudediswe yena obambezelayo manje.

8. Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,

9. lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga,

10. nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.

11. Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga,

12. ukuba bonke abangakholwanga yiqiniso benamela ukungalungi balahlwe.

13. Kepha thina simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso

14. anibizela kukho ngevangeli lethu, nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu.

15. Ngalokho-ke, bazalwane, yimani niqinile, nibambelele kuwo amasiko enawafundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.

16. Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,

17. makaduduze izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.

About 2 Thesalonika Chapter 2

Read 2 Thesalonika Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Thesalonika in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 Thesalonika
Chapter: 2
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Thesalonika. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 Thesalonika Chapter 2 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 Thesalonika Chapter 2?

2 Thesalonika Chapter 2 is part of the Book of 2 Thesalonika in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 Thesalonika Chapter 2 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2 Thesalonika

  1. 2 Thesalonika Chapter 1
  2. 2 Thesalonika Chapter 3

Explore More from ITestamente Elisha

  1. 2 Thesalonika Chapter 3
  2. Mathewu Chapter 5
  3. IzEnzo Chapter 6
  4. AmaRoma Chapter 10
  5. Efesu Chapter 5
  6. Luka Chapter 18
  7. Johane Chapter 16

Related Chapters & Readings

  1. Jeremiya Chapter 44
  2. Jeremiya Chapter 30
  3. 1 Thimothewu Chapter 2
  4. 1 IziKronike Chapter 12
  5. Hezekeli Chapter 43
  6. AmaHubo Chapter 104
  7. AmaHubo Chapter 73
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *