1 Thimothewu Chapter 6

For English

Read 1 Thimothewu Chapter 6 Online

Read 1 Thimothewu Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Thimothewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Thimothewu and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

1 Thimothewu 6

Isahluko 6

1. Bonke abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele ukutuswa impela, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa.

2. Abanabanumzane abakholwayo bangabadeleli, ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo. Wofundisa lezo zinto, uyale ngazo.

3. Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu,

4. ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,

5. nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.

6. Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu,

7. ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi;

8. kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.

9. Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.

10. Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.

11. Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.

12. Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.

13. Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke, naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu,

14. ukuba ugcine umyalo ungenabala, ungenakusoleka, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu

15. ayakukubonakalisa ngezikhathi zakhe uSomandla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakhosi, uMbusi wababusi,

16. yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.

17. Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,

18. benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane,

19. bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.

20. Thimothewu, londa kahle okubekiweyo kuwe, ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho,

21. okuthi abanye bekuvuma, baduka ekukholweni. Umusa mawube nani.

About 1 Thimothewu Chapter 6

Read 1 Thimothewu Chapter 6 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Thimothewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 1 Thimothewu
Chapter: 6
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Thimothewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 1 Thimothewu Chapter 6 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 1 Thimothewu Chapter 6?

1 Thimothewu Chapter 6 is part of the Book of 1 Thimothewu in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 1 Thimothewu Chapter 6 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 1-thimothewu

  1. 1 Thimothewu Chapter 1
  2. 1 Thimothewu Chapter 4
  3. 1 Thimothewu Chapter 5
  4. 1 Thimothewu Chapter 3
  5. 1 Thimothewu Chapter 2

Explore More from ITestamente Elisha

  1. AmaRoma Chapter 7
  2. Mathewu Chapter 13
  3. Johane Chapter 8
  4. AmaRoma Chapter 3
  5. Johane Chapter 17
  6. 1 Petru Chapter 3
  7. IsAmbulo Chapter 4

Related Chapters & Readings

  1. 2 Korinte Chapter 6
  2. 1 IziKronike Chapter 14
  3. 1 IziKronike Chapter 5
  4. IsAmbulo Chapter 15
  5. 1 Thesalonika Chapter 5
  6. AmaHubo Chapter 103
  7. AmaHubo Chapter 79
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *