Read Johane Chapter 17 Online
Read Johane Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Johane in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Johane and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Johane 17
Isahluko 17
1. UJesu wakhuluma lokho; wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena,
2. njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.
3. Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.
4. Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze.
5. Manje-ke ngikhazimulise wena Baba, kuwe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.
6. “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.
7. Sebazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe.
8. Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.
9. Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe kepha labo ongiphe bona, ngokuba bengabakho.
10. Konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; ngikhazimulisiwe kubona.
11. Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.
12. Lapho ngise nabo ezweni, ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona, ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo.
13. “Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.
14. Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.
15. Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.
16. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.
17. Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.
18. Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni.
19. Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.
20. “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo
21. ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.
22. Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye,
23. mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.
24. “Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.
25. “Baba olungileyo, izwe kalikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.
26. Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”
About Johane Chapter 17
Read Johane Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Johane in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Johane
Chapter: 17
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Johane. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Johane Chapter 17 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Johane Chapter 17?
Johane Chapter 17 is part of the Book of Johane in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Johane Chapter 17 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- IsAmbulo Chapter 16
- IsAmbulo Chapter 10
- Mathewu Chapter 1
- IsAmbulo Chapter 3
- IsAmbulo Chapter 2
- IsAmbulo Chapter 7
- IsAmbulo Chapter 1
Explore More from johane
- Johane Chapter 7
- Johane Chapter 12
- Johane Chapter 5
- Johane Chapter 10
- Johane Chapter 3
- Johane Chapter 20
- Johane Chapter 18