Eksodusi Chapter 33

For English

Read Eksodusi Chapter 33 Online

Read Eksodusi Chapter 33 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Eksodusi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Eksodusi and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Eksodusi 33

Isahluko 33

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe, uye ezweni engalifungela ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho.’

2. Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,

3. uye ezweni elichichima ubisi nezinyosi. Angiyikukhuphuka ngiphakathi kwenu, lokhu ningabantu abantamo ilukhuni, funa nginiqede endleleni.”

4. Abantu beyizwa le ndaba embi badabuka, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe.

5. UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo ilukhuni; uma ngikhuphuka ngiphakathi kwenu nangokuphazima kweso nje, ngizakuniqeda. Ngalokho khumulani manje izivunulo zenu, ukuze ngazi ukuthi ngiyakwenzani kini.’ ”

6. Abantwana bakwa-Israyeli bazihlubula izivunulo zabo, kusukela entabeni yaseHorebe.

7. UMose wayevama ukulithatha itende, walimisa ngaphandle kwekamu, libe kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu.

8. Kwathi uMose ephuma eya etendeni, bonke abantu basukuma bema, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe, bambuka uMose waze wangena etendeni.

9. Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.

10. Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetende; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe.

11. UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe. Wabuyela ekamu, kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni.

12. UMose wathi kuJehova: “Bheka, uthi kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami. Nokho ushilo ukuthi: ‘Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.’

13. Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”

14. Wayesethi: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?”

15. Wathi kuye: “Uma ungahambi wena uqobo, ungasikhuphuli lapha.

16. Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi, ukuze sahlukaniswe, mina nabantu bakho, nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na?”

17. UJehova wathi kuMose: “Ngiyakwenza nalokho okushiloyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami; ngiyakwazi ngegama.”

18. Wayesethi: “Ake ngibone inkazimulo yakho.”

19. Wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami, ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho, ngibe nomusa kuyena engithanda ukuba nomusa kuye, ngibe nesihe kuyena engithanda ukuba nesihe kuye.”

20. Wathi: “Awunakubona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona, aphile.”

21. UJehova wathi: “Bheka, nansi indawo kimi; uyakuma edwaleni.

22. Kuyakuthi isadlula inkazimulo yami, ngiyakukufaka ofantwini lwedwala, ngikumboze ngesandla sami, ngize ngidlule.

23. Besengisusa isandla sami, ubone umhlane wami, kepha ubuso bami abuyikubonwa.”

About Eksodusi Chapter 33

Read Eksodusi Chapter 33 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Eksodusi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Eksodusi
Chapter: 33
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Eksodusi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Eksodusi Chapter 33 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Eksodusi Chapter 33?

Eksodusi Chapter 33 is part of the Book of Eksodusi in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Eksodusi Chapter 33 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Eksodusi

  1. Eksodusi Chapter 28
  2. Eksodusi Chapter 29
  3. Eksodusi Chapter 6
  4. Eksodusi Chapter 4
  5. Eksodusi Chapter 5
  6. Eksodusi Chapter 9
  7. Eksodusi Chapter 39

Explore More from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 104
  2. Hagayi Chapter 2
  3. Jobe Chapter 2
  4. 1 Samuweli Chapter 21
  5. Genesise Chapter 47
  6. Ezra Chapter 5
  7. 1 Samuweli Chapter 31

Related Chapters & Readings

  1. IzEnzo Chapter 23
  2. AmaRoma Chapter 4
  3. Isaya Chapter 59
  4. AmaHubo Chapter 12
  5. 1 Samuweli Chapter 12
  6. IzEnzo Chapter 2
  7. Numeri Chapter 16
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *