Read Hoseya Chapter 11 Online
Read Hoseya Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hoseya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Hoseya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Hoseya 11
Isahluko 11
1. “Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.
2. Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.
3. Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi; ngabaphatha ngezingalo zami, kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.
4. Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.
5. “Abayikubuyela ezweni laseGibithe, owase-Asiriya abe yinkosi yabo, ngokuba benqaba ukubuya, na?
6. Inkemba iyakutheleka emizini yabo, iqede imigoqo yayo, ibadle ngenxa yeziluleko zabo.
7. Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.
8. “Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.
9. Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami, ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.
10. Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.
11. Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni, nanjengejuba ezweni lase-Asiriya, ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.
12. U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.
About Hoseya Chapter 11
Read Hoseya Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Hoseya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Hoseya
Chapter: 11
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Hoseya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Hoseya Chapter 11 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Hoseya Chapter 11?
Hoseya Chapter 11 is part of the Book of Hoseya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Hoseya Chapter 11 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from hoşeýa
- Hoşeýa Chapter 1
- Hoşeýa Chapter 2
- Hoşeýa Chapter 12
- Hoşeýa Chapter 8
- Hoşeýa Chapter 4
- Hoşeýa Chapter 9
- Hoşeýa Chapter 3
Explore More from ITestamente Elidala
- Zakariya Chapter 12
- AmaHubo Chapter 88
- Numeri Chapter 31
- Jobe Chapter 5
- AmaHubo Chapter 45
- AmaHubo Chapter 26
- 1 IziKronike Chapter 3