Read UmShumayeli Chapter 9 Online
Read UmShumayeli Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of UmShumayeli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of UmShumayeli and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
UmShumayeli 9
Isahluko 9
1. Ngokuba konke lokho ngakubeka enhliziyweni yami ukuhlola konke lokho ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma kuluthando noma kuyinzondo, akukho muntu okwaziyo; konke kusebusweni babo.
2. Konke kungabehlela bonke, olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nongenawo umhlatshelo, omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo.
3. Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.
4. Ohlangene nabo bonke abaphilayo kukhona ithemba kuye, ngokuba inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo.
5. Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.
6. Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile, futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.
7. Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
8. Izingubo zakho mazibe mhlophe ngezikhathi zonke, nekhanda lakho malingasweli amafutha.
9. Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize, ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.
10. Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
11. Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.
12. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.
13. Ngabona futhi ukuhlakanipha ngale ndlela phansi kwelanga, kwaba kukhulu kimi:
14. kwakukhona umuzi omncane, unabantu abayingcosana phakathi kwawo; kwafika inkosi enkulu kuwo, yawuvimbezela, yakha izinqaba ezinkulu ngakuwo;
15. kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu.
16. Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.
17. Amazwi abahlakaniphileyo ezwakalayo ekuthuleni mahle kunokumemeza kobusa phakathi kweziwula.
18. Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.
About UmShumayeli Chapter 9
Read UmShumayeli Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of UmShumayeli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: UmShumayeli
Chapter: 9
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading UmShumayeli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading UmShumayeli Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is UmShumayeli Chapter 9?
UmShumayeli Chapter 9 is part of the Book of UmShumayeli in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete UmShumayeli Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Ruthe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 4
Explore More from umshumayeli
- UmShumayeli Chapter 12
- UmShumayeli Chapter 2
- UmShumayeli Chapter 6
- UmShumayeli Chapter 10
- UmShumayeli Chapter 11
- UmShumayeli Chapter 3
- UmShumayeli Chapter 5