Read Mathewu Chapter 17 Online
Read Mathewu Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Mathewu and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Mathewu 17
Isahluko 17
1. Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.
2. Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
3. Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.
4. Wathatha uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.”
5. Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”
6. Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.
7. Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.”
8. Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.
9. Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”
10. Bambuza abafundi, bathi: “Pho, basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”
11. Waphendula wathi: “Nempela u-Eliya uyeza, uyakubuyisela konke.
12. Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.”
13. Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.
14. Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe,
15. wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.
16. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”
17. UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.”
18. UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.
19. Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?”
20. Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula.
21. Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla.”
22. Besahambahamba eGalile, uJesu wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu;
23. bazakuyibulala, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.” Badabuka kakhulu.
24. Kwathi ukuba bafike eKapernawume, abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: “Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?”
25. Wathi: “Uyayithela.” Esengene endlini uJesu wamandulela, wathi: “Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso, kumadodana awo noma kubafo, na?”
26. Wathi: “Kubafo.” UJesu wayesethi: “Ngakho-ke amadodana akhululekile.
27. Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”
About Mathewu Chapter 17
Read Mathewu Chapter 17 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Mathewu
Chapter: 17
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Mathewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
- 📱 Hindi Android Bible App
- 📱 Hindi Christian Songs from waytochurch
- 📖 Read on Malayalam Christian Songs – madely
Continue Reading the Bible
Continue reading Mathewu Chapter 17 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Mathewu Chapter 17?
Mathewu Chapter 17 is part of the Book of Mathewu in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Mathewu Chapter 17 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- IsAmbulo Chapter 16
- IsAmbulo Chapter 10
- IsAmbulo Chapter 2
- IsAmbulo Chapter 3
- Mathewu Chapter 1
- IsAmbulo Chapter 7
- IsAmbulo Chapter 1
Explore More from mathewu
- Mathewu Chapter 12
- Mathewu Chapter 3
- Mathewu Chapter 22
- Mathewu Chapter 5
- Mathewu Chapter 18
- Mathewu Chapter 10
- Mathewu Chapter 21