Filipi Chapter 3

For English

Read Filipi Chapter 3 Online

Read Filipi Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Filipi in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Filipi and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Filipi 3

Isahluko 3

1. Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.

2. Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika.

3. Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,

4. nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu;

5. ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi;

6. ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.

7. Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.

8. Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,

9. ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,

10. ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe,

11. uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo,

12. kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu.

13. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili,

14. ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

15. Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,

16. kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowo mkhondo.

17. Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini.

18. Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu,

19. abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.

20. Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,

21. oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

About Filipi Chapter 3

Read Filipi Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Filipi in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Filipi
Chapter: 3
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Filipi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Filipi Chapter 3 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Filipi Chapter 3?

Filipi Chapter 3 is part of the Book of Filipi in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Filipi Chapter 3 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from filipi

  1. Filipi Chapter 4
  2. Filipi Chapter 3
  3. Filipi Chapter 2
  4. Filipi Chapter 1
  5. Filipi Chapter 3
  6. Filipi Chapter 4
  7. Filipi Chapter 2

Explore More from ITestamente Elisha

  1. Galathiya Chapter 2
  2. IsAmbulo Chapter 6
  3. Johane Chapter 3
  4. 2 Thimothewu Chapter 4
  5. Marku Chapter 6
  6. Johane Chapter 9
  7. Luka Chapter 14

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 113
  2. AmaHubo Chapter 54
  3. Eksodusi Chapter 6
  4. Joshuwa Chapter 23
  5. Jeremiya Chapter 19
  6. Eksodusi Chapter 28
  7. IzEnzo Chapter 16
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *