Mathewu Chapter 16

For English

Read Mathewu Chapter 16 Online

Read Mathewu Chapter 16 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Mathewu and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Mathewu 16

Isahluko 16

1. AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.

2. Kepha waphendula, wathi kubo: “Kusihlwa nithi: ‘Loba lisile, lokhu izulu libhejile;’

3. kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?

4. Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.” Wabashiya, wamuka.

5. Sebefike phesheya, abafundi bakhe babekhohliwe ukuphatha izinkwa.

6. UJesu wayesethi kubo: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”

7. Baphendulana bodwa, bathi: “Kungokuba singaphathanga izinkwa.”

8. Kepha ekwazi lokho uJesu wathi: “Nina bokukholwa okuncane, yini ukuba niphendulane nodwa ngokuthi kungokuba ningenazinkwa na?

9. Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane eziyisihlanu nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na?

10. Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha amaqoma amangaki na?

11. Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”

12. Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.

13. UJesu esefikile emaphandleni aseKesariya Filipi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu basho ukuthi iNdodana yomuntu ingubani na?”

14. Bathi: “Abanye basho uJohane uMbhapathizi; abanye basho u-Eliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaprofethi.”

15. Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”

16. USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”

17. UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini.

18. Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayikulahlula.

19. Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini, nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.”

20. Khona wabayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi nguye onguKristu.

21. Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.

22. UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza, wathi: “Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.”

23. Yena waphenduka, wathi kuPetru: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”

24. Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.

25. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

26. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?

27. Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.

28. Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”

About Mathewu Chapter 16

Read Mathewu Chapter 16 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Mathewu
Chapter: 16
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Mathewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Mathewu Chapter 16 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Mathewu Chapter 16?

Mathewu Chapter 16 is part of the Book of Mathewu in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Mathewu Chapter 16 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. IsAmbulo Chapter 16
  2. Mathewu Chapter 1
  3. IsAmbulo Chapter 10
  4. IsAmbulo Chapter 3
  5. IsAmbulo Chapter 2
  6. IsAmbulo Chapter 7
  7. IsAmbulo Chapter 1

Explore More from mathewu

  1. Mathewu Chapter 2
  2. Mathewu Chapter 25
  3. Mathewu Chapter 15
  4. Mathewu Chapter 14
  5. Mathewu Chapter 22
  6. Mathewu Chapter 6
  7. Mathewu Chapter 13

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 75
  2. Luka Chapter 21
  3. 1 IziKronike Chapter 24
  4. Genesise Chapter 50
  5. Isaya Chapter 58
  6. Isaya Chapter 65
  7. Jeremiya Chapter 23
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *