Mathewu Chapter 9

For English

Read Mathewu Chapter 9 Online

Read Mathewu Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Mathewu and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Mathewu 9

Isahluko 9

1. Wayesengena emkhunjini, wawela, weza emzini wakubo.

2. Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana; uthethelelwe izono zakho.”

3. Bheka, abathile kubabhali bathi phakathi kwabo: “Lo uyahlambalaza.”

4. UJesu ezazi izizindlo zabo wathi: “Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na?

5. Ngokuba yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na?

6. Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono —” khona wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”

7. Wavuka, waya endlini yakhe.

8. Kepha izixuku zikubona zethuka, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla anjalo.

9. Esadlula lapho uJesu wabona umuntu othiwa uMathewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela.

10. Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni, bahlala badla noJesu nabafundi bakhe.

11. AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”

12. Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.

13. Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”

14. Khona kwase kufika kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Yini ukuba thina nabaFarisi sizila ukudla; kepha abafundi bakho abazili ngani na?”

15. UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.

16. Akakho obekela isiziba sendwangu engakashukeki engutsheni endala, ngokuba lokhu okubekelwa kuyo kuyaklebhula engutsheni, kwande ukuklebhuka.

17. Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili.”

18. Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.”

19. Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe.

20. Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe.

21. Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.”

22. UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.

23. UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo,

24. wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.

25. Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana.

26. Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona.

27. Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!”

28. Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.”

29. Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.”

30. Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.”

31. Kepha zaphuma, zamdumisa kulo lonke lelo zwe.

32. Ekuphumeni kwazo, bheka, kwalethwa kuye isimungulu esinedemoni.

33. Idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.”

34. Kepha abaFarisi bathi: “Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.”

35. UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke.

36. Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.

37. Wayesethi kubafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana.

38. Ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”

About Mathewu Chapter 9

Read Mathewu Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Mathewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Mathewu
Chapter: 9
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Mathewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Mathewu Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Mathewu Chapter 9?

Mathewu Chapter 9 is part of the Book of Mathewu in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Mathewu Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. IsAmbulo Chapter 16
  2. IsAmbulo Chapter 10
  3. Mathewu Chapter 1
  4. IsAmbulo Chapter 3
  5. IsAmbulo Chapter 2
  6. IsAmbulo Chapter 7
  7. IsAmbulo Chapter 1

Explore More from mathewu

  1. Mathewu Chapter 27
  2. Mathewu Chapter 2
  3. Mathewu Chapter 23
  4. Mathewu Chapter 22
  5. Mathewu Chapter 1
  6. Mathewu Chapter 13
  7. Mathewu Chapter 25

Related Chapters & Readings

  1. UmShumayeli Chapter 12
  2. Hoseya Chapter 9
  3. 1 AmaKhosi Chapter 16
  4. Mathewu Chapter 26
  5. 2 Samuweli Chapter 4
  6. AmaHubo Chapter 140
  7. Numeri Chapter 8
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *