Esteri Chapter 1

For English

Read Esteri Chapter 1 Online

Read Esteri Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Esteri in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Esteri and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Esteri 1

Isahluko 1

1. Kwathi emihleni ka-Ahashiveroshi yena ungu-Ahashiveroshi lowo owabusa kusukela e-Indiya kuze kube seKushe phezu kwezifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa

2. yebo, ngaleyo mihla lapho inkosi u-Ahashiveroshi ihlezi esihlalweni sobukhosi sombuso wayo, esasiseShushani endlini yenkosi,

3. ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili, amaqhawe asePheresiya naseMediya, nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo,

4. lapho iyibonakalisa ingcebo yombuso wayo odumileyo, nobukhosi nobuhle bobukhulu bayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

5. Seziphelile lezo zinsuku, inkosi yenzela abantu bonke ababe khona eShushani endlini yenkosi, abakhulu nabancane, idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi.

6. Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza, ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsikeni zamatshe amhlophe; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele, nangamatshe amnyama.

7. Baphuziswa ngezitsha zegolide, izitsha zahlukene, ezinye nezinye, iwayini lamakhosi eliningi njengokwesandla senkosi.

8. Ukuphuza kwaya ngomthetho wokuba kungacindezelwa muntu, ngokuba inkosi yayiyalile zonke izinduna zendlu yayo ukuba zenze njengokuthanda kwabantu abanye ngabanye.

9. Naye uVashiti, inkosikazi, wenzela abesifazane idili endlini yenkosi u-Ahashiveroshi.

10. Ngosuku lwesikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini, yayala oMehumani, noBizitha, noHaribona, noBigitha, no-Abagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka-Ahashiveroshi inkosi

11. ukuba zimlethe uVashiti inkosikazi phambi kwenkosi, abe nomqhele wobukhosi ukuba abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngokuba wayebukeka kahle.

12. Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.

13. Yayisisho inkosi kwabahlakaniphileyo abazazi izikhathi ngokuba yayinendlela enjalo inkosi phambi kwabo bonke ababewazi umthetho nokwahlulela;

14. ababe seduze naye kwakungoKarishena, noShethari, no-Adimatha, noTharishishi, noMeresi, noMarisena, noMemukhani, izikhulu eziyisikhombisa zasePheresiya naseMediya ezaziphambi kobuso benkosi, zihlala emqoka embusweni

15. yathi: “Siyakwenze njani kuyo inkosikazi uVashiti njengomthetho, ngokuba ayenzanga izwi lenkosi u-Ahashiveroshi ngesandla sezinduna, na?”

16. UMemukhani wathi phambi kwenkosi nezikhulu: “UVashiti, inkosikazi, akonanga enkosini kuphela, kepha nakuzo zonke izikhulu nakubantu bonke abasezifundeni zenkosi u-Ahashiveroshi.

17. Ngokuba le ndaba yenkosikazi iyakuphumela kubo bonke abesifazane ukuba amadoda abo adeleleke emehlweni abo, lapho kuthiwa inkosi u-Ahashiveroshi yamyala uVashiti, inkosikazi, ukuba alethwe phambi kwayo, kepha akafikanga.

18. Namuhla amakhosikazi asePheresiya naseMediya ayizwile le ndaba yenkosikazi ayakukusho ezikhulwini zenkosi, kube ngukudelela nentukuthelo enkulu.

19. “Uma kukuhle enkosini, makuphume izwi lobukhosi, lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.

20. Lapho isimemezelo senkosi eyakusenza sesiyakuzwakala embusweni wayo wonke, ngokuba mkhulu bonke abafazi bayakuwahlonipha amadoda abo, amakhulu namancane.”

21. Laba lihle lelo zwi emehlweni enkosi nasezikhulwini; yenza-ke inkosi njengezwi likaMemukhani;

22. yathuma izincwadi ezifundeni zonke zenkosi, ezifundeni ngezifunda njengokubhala kwazo nasezizweni ngezizwe njengezilimi zazo ukuba yilowo nalowo muntu abuse endlini yakhe, akhulume ngolimi lwesizwe sakubo.

About Esteri Chapter 1

Read Esteri Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Esteri in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Esteri
Chapter: 1
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Esteri. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Esteri Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Esteri Chapter 1?

Esteri Chapter 1 is part of the Book of Esteri in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Esteri Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from esteri

  1. Esteri Chapter 2
  2. Esteri Chapter 10
  3. Esteri Chapter 8
  4. Esteri Chapter 6
  5. Esteri Chapter 3
  6. Esteri Chapter 9
  7. Esteri Chapter 5

Explore More from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 139
  2. 2 AmaKhosi Chapter 25
  3. Jobe Chapter 3
  4. Jobe Chapter 28
  5. IzAga Chapter 28
  6. IzAga Chapter 7
  7. 1 Samuweli Chapter 4

Related Chapters & Readings

  1. Levitikusi Chapter 19
  2. Efesu Chapter 5
  3. Filipi Chapter 4
  4. 1 Samuweli Chapter 22
  5. 2 Samuweli Chapter 17
  6. 1 IziKronike Chapter 10
  7. 2 Samuweli Chapter 4
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *