Eksodusi Chapter 25

For English

Read Eksodusi Chapter 25 Online

Read Eksodusi Chapter 25 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Eksodusi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Eksodusi and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Eksodusi 25

Isahluko 25

1. UJehova wayesekhuluma kuMose ethi:

2. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bangithabathele umnikelo; kubo bonke abantu abanhliziyo zabo zivuma anothabatha umnikelo wami.

3. Yilo umnikelo eniyakuwuthabatha kubo: igolide, nesiliva, nethusi,

4. nokuluhlaza, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi,

5. nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi, nemithi yomtholo,

6. namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,

7. namatshe amashohamu, namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.

8. “Mabangenzele indlu engcwele ukuba ngihlale phakathi kwabo.

9. Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke.

10. “Bayakuwenza umphongolo ngomuthi womtholo, ubude bawo bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi bawo bube yingalo nenxenye, nokuphakama kwawo kube yingalo nenxenye.

11. Uyakuwunameka ngegolide elicwengekileyo, uwunameke ngaphakathi nangaphandle, uwenzele udini lwegolide nxazonke.

12. Uwukhandele amasongo amane egolide, uwafake ezinyaweni zozine zawo, amasongo amabili abe kolunye uhlangothi lwawo, amasongo amabili abe kolunye uhlangothi lwawo.

13. Uyakuzenza izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide.

14. Wozifaka izinti emasongweni asezinhlangothini zomphongolo ukuba uthwalwe ngazo.

15. Izinti ziyakuhlala emasongweni omphongolo; aziyikususwa kuwo.

16. Uyakufaka emphongolweni ubufakazi engikunika bona.

17. “Uyakwenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo, ubude baso bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi baso bube yingalo nenxenye.

18. Uyakwenza amakherubi amabili ngegolide, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili,

19. ulenze elinye ikherubi ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ekugcineni ngalapha, nenze amakherubi ekugcineni nxazombili, abe kunye nesihlalo somusa.

20. Amakherubi ayakwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekane ngobuso; ubuso bamakherubi buyakubheka isihlalo somusa.

21. Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake emphongolweni ubufakazi engiyakukunika bona.

22. Ngiyakuhlangana nawe khona, ngikhulume nawe, ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa-Israyeli.

23. “Uyakulenza itafula ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo ezimbili, ububanzi balo bube yingalo, nokuphakama kwalo kube yingalo nenxenye.

24. Wolinameka ngegolide elicwengekileyo, ulenzele udini ngegolide nxazonke,

25. ulenzele usiko olulingene nesandla ngobubanzi nxazonke, ulwenzele usiko udini lwegolide nxazonke.

26. Ulenzele amasongo amane ngegolide, uwafake amasongo emagumbini omane asezinyaweni zalo zozine.

27. Amasongo ayakuba ngasodinini, abe yizindawo zezinti zokuthwala itafula.

28. Wozenza izinti ngomuthi womtholo, uzinameke ngegolide, ukuba itafula lithwalwe ngazo,

29. wenze nezingqwembe zalo, nezinkezo zalo, nezindebe zalo, nezinkamba zalo zokuthela, uzenze ngegolide elicwengekileyo.

30. Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.

31. “Wolwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uthi lwezibani olwenziwe ngomsebenzi okhandiweyo, nesiqu salo, namagatsha alo, izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo, konke kube kunye nalo.

32. Makube khona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo, amagatsha amathathu othi lwezibani aphume kolunye uhlangothi lwalo.

33. Izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; izimbizana ezintathu ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi zibe kwelinye igatsha, isumpa nembali; makube njalo kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.

34. Othini lwezibani kuyakuba khona izimbizana ezine ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi, amasumpa azo nezimbali zazo,

35. kube yisumpa phansi kwamagatsha amabili, libe kunye nalo, nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili, libe kunye nalo, nesumpa phansi kwamanye amagatsha amabili futhi, libe kunye nalo, kube phansi kwamagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani.

36. Amasumpa alo namagatsha alo ayakuba kunye nalo, kube kunye konke okwalo, kube ngokomsebenzi okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.

37. “Wolwenzela izibani eziyisikhombisa, izibani zalo zibekwe ukuba zikhanyise phambi kwalo.

38. Izizenze zalo nezitsha zalo zensizi mazenziwe ngegolide elicwengekileyo.

39. Malwenziwe ngetalenta legolide elicwengekileyo kanye nazo zonke lezi zinto.

40. Bhekisisa ukuba uzenze ngesifanekiso sazo owaboniswa sona entabeni.

About Eksodusi Chapter 25

Read Eksodusi Chapter 25 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Eksodusi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Eksodusi
Chapter: 25
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Eksodusi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Eksodusi Chapter 25 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Eksodusi Chapter 25?

Eksodusi Chapter 25 is part of the Book of Eksodusi in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Eksodusi Chapter 25 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Eksodusi

  1. Eksodusi Chapter 28
  2. Eksodusi Chapter 6
  3. Eksodusi Chapter 29
  4. Eksodusi Chapter 4
  5. Eksodusi Chapter 9
  6. Eksodusi Chapter 5
  7. Eksodusi Chapter 39

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Jobe Chapter 40
  2. Jobe Chapter 39
  3. Isaya Chapter 38
  4. Jobe Chapter 35
  5. Numeri Chapter 10
  6. Genesise Chapter 17
  7. Jeremiya Chapter 39

Related Chapters & Readings

  1. EkaJakobe Chapter 3
  2. 2 Korinte Chapter 5
  3. 1 AmaKhosi Chapter 17
  4. 1 IziKronike Chapter 14
  5. Numeri Chapter 28
  6. Hagayi Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 83
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *