Read IzEnzo Chapter 11 Online
Read IzEnzo Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzEnzo in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzEnzo and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
IzEnzo 11
Isahluko 11
1. Kepha abaphostoli nabazalwane abaseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.
2. Kwathi ukuba uPetru enyukele eJerusalema, abokusoka baphikisana naye,
3. bathi: “Ungene kubantu abangasokile, wadla nabo.”
4. Kepha uPetru wabathathela konke ngokulandelana, wathi:
5. “Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka; ngehlelwa yisiyezi, ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu, yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi.
6. Kwathi ukuba ngiyigqolozele, ngabhekisisa, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu.
7. Ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sukuma, Petru; hlaba, udle.’
8. “Kepha ngathi: ‘Qha, Nkosi, ngokuba okuyichilo nokungcolileyo akuzange kungene emlonyeni wami.’
9. “Khona izwi elivela ezulwini laphendula ngokwesibili, lathi: ‘Lokho akuhlambululileyo uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kuyichilo.’
10. Lokho-ke kwenzeka kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini.
11. “Bhekani, ngaso leso sikhathi kwase kumi amadoda amathathu phambi kwendlu esasikuyo; ayethunyelwe kimi, evela eKesariya.
12. UMoya wayesethi kimi angihambe nabo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelekezela labo bazalwane abayisithupha, saya sangena endlini yaleyo ndoda.
13. Yasibikela-ke ukuthi yayibonile ingelosi imi endlini yayo, ithi: ‘Thumela eJopha, ulande uSimoni othiwa uPetru
14. ozakukhuluma kuwe amazwi ozakusindiswa ngawo, wena nendlu yakho yonke.’
15. “Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengakithi ekuqaleni.
16. Ngalikhumbula-ke izwi leNkosi, njengalokho yathi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele.’
17. Ngakho uma uNkulunkulu ebanikile bona isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu Kristu, ngingubani mina ukuba ngivimbele uNkulunkulu na?”
18. Bathi ukuzwa lokho, bathula, badumisa uNkulunkulu, bathi: “Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.”
19. Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela.
20. Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika e-Antiyokiya, bakhuluma nakumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.
21. Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini.
22. Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya;
23. wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.
24. Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.
25. UBarnaba wayeseya eTarsu ukuba afune uSawulu;
26. kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu.
27. Ngalezo zinsuku kwehlela e-Antiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema.
28. Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu-Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke; yaba khona emihleni kaKlawudiyu.
29. Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya.
30. Bakwenza-ke, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.
About IzEnzo Chapter 11
Read IzEnzo Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzEnzo in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: IzEnzo
Chapter: 11
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzEnzo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading IzEnzo Chapter 11 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is IzEnzo Chapter 11?
IzEnzo Chapter 11 is part of the Book of IzEnzo in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete IzEnzo Chapter 11 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- IsAmbulo Chapter 16
- IsAmbulo Chapter 10
- Mathewu Chapter 1
- IsAmbulo Chapter 3
- IsAmbulo Chapter 2
- IsAmbulo Chapter 7
- IsAmbulo Chapter 1
Explore More from Izenzo
- IzEnzo Chapter 28
- IZenzo Chapter 23
- IZenzo Chapter 10
- IZenzo Chapter 13
- IzEnzo Chapter 21
- IzEnzo Chapter 25
- IZenzo Chapter 5