Marku Chapter 5

For English

Read Marku Chapter 5 Online

Read Marku Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Marku in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Marku and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Marku 5

Isahluko 5

1. Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa.

2. Esephume emkhunjini, kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo.

3. Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga;

4. ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga, kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe, kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa.

5. Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe.

6. Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye;

7. wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”

8. Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.”

9. Wayesembuza ethi: “Ngubani igama lakho?” Wathi kuye: “NginguLegiyona igama lami, ngokuba sibaningi.”

10. Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe.

11. Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile.

12. Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.”

13. Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.

14. Ababezalusa babaleka, baya babika emzini nasemaphandleni; base beza ukuyobona okwenzekileyo.

15. Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe, esangulukile, yena owayenelegiyona; base besaba.

16. Ababekubonile babatshela ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni, nangezingulube.

17. Base beqala ukumncenga ukuba amuke ezweni lakubo.

18. Wathi ukuba angene emkhunjini, lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye.

19. Akamvumelanga, kepha wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.”

20. Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke.

21. Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle.

22. Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge, nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe,

23. wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.”

24. Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela.

25. Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili,

26. ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka,

27. esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe,

28. ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.”

29. Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.

30. Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”

31. Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ”

32. Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho.

33. Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke.

34. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”

35. Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?”

36. Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa kuphela.”

37. Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe.

38. Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge, wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu.

39. Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”

40. Bamhleka usulu. Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana.

41. Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!”

42. Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu.

43. Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla.

About Marku Chapter 5

Read Marku Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Marku in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Marku
Chapter: 5
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Marku. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Marku Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Marku Chapter 5?

Marku Chapter 5 is part of the Book of Marku in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Marku Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. Mathewu Chapter 1
  2. Mathewu Chapter 3
  3. Mathewu Chapter 17
  4. Mathewu Chapter 8
  5. Mathewu Chapter 4
  6. Mathewu Chapter 16
  7. AmaRoma Chapter 15

Explore More from Marku

  1. Marku Chapter 14
  2. Marku Chapter 11
  3. Marku Chapter 1
  4. Marku Chapter 2
  5. Marku Chapter 16
  6. Marku Chapter 5
  7. Marku Chapter 3

Related Chapters & Readings

  1. Mika Chapter 5
  2. IzAga Chapter 15
  3. Johane Chapter 16
  4. Genesise Chapter 42
  5. UmShumayeli Chapter 12
  6. Jeremiya Chapter 38
  7. IzAga Chapter 1
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *