Read 1 Thimothewu Chapter 3 Online
Read 1 Thimothewu Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Thimothewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Thimothewu and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 Thimothewu 3
Isahluko 3
1. Likholekile leli zwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle.
2. Ngakho umbonisi umelwe abe ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, oqondileyo, oziphatha ngokufaneleyo, ongenisa izihambi, onesu lokufundisa,
3. ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,
4. ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke —
5. kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? —
6. angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.
7. Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.
8. Ngokunjalo namadiyakoni kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,
9. ephethe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe.
10. Nalabo mabaqale bahlolwe, andukuba babe ngamadiyakoni, uma bengasoleki.
11. Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.
12. Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.
13. Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.
14. Lokhu ngikulobela khona ngithemba ukuza kuwe masinyane;
15. kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.
16. Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.
About 1 Thimothewu Chapter 3
Read 1 Thimothewu Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Thimothewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 Thimothewu
Chapter: 3
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Thimothewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 Thimothewu Chapter 3 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 Thimothewu Chapter 3?
1 Thimothewu Chapter 3 is part of the Book of 1 Thimothewu in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 Thimothewu Chapter 3 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1-thimothewu
- 1 Thimothewu Chapter 1
- 1 Thimothewu Chapter 6
- 1 Thimothewu Chapter 4
- 1 Thimothewu Chapter 2
- 1 Thimothewu Chapter 5
Explore More from ITestamente Elisha
- Johane Chapter 4
- Mathewu Chapter 7
- 1 Korinte Chapter 5
- AmaRoma Chapter 12
- 2 Thesalonika Chapter 2
- 2 Korinte Chapter 5
- Marku Chapter 8