Marku Chapter 13

For English

Read Marku Chapter 13 Online

Read Marku Chapter 13 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Marku in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Marku and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Marku 13

Isahluko 13

1. Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!”

2. UJesu wathi kuye: “Uyabona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”

3. Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa,

4. bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?”

5. Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani ningadukiswa muntu.

6. Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi.

7. Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.

8. Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo.

9. “Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni; niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.

10. Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.

11. Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.

12. “Khona umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni noyise umntanakhe, yebo, abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.

13. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

14. “Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona — ofundayo makaqaphele — khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,

15. ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe,

16. osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.

17. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!

18. Khulekani ukuba kungabi sebusika.

19. Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.

20. Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku.

21. Khona-ke uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa.

22. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka.

23. Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili.

24. “Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,

25. nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.

26. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo.

27. Lapho iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.

28. “Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.

29. Kanjalo nani, nxa nibona lokhu kwenzeka, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.

30. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu.

31. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awayikudlula.

32. “Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.

33. Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini.

34. Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.

35. “Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkuku, noma ekuseni,

36. funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele.

37. Kepha lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: ‘Lindani.’ ”

About Marku Chapter 13

Read Marku Chapter 13 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Marku in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Marku
Chapter: 13
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Marku. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Marku Chapter 13 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Marku Chapter 13?

Marku Chapter 13 is part of the Book of Marku in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Marku Chapter 13 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. Mathewu Chapter 1
  2. Mathewu Chapter 3
  3. Mathewu Chapter 17
  4. Mathewu Chapter 8
  5. Mathewu Chapter 4
  6. Mathewu Chapter 16
  7. Mathewu Chapter 12

Explore More from Marku

  1. Marku Chapter 10
  2. Marku Chapter 1
  3. Marku Chapter 14
  4. Marku Chapter 2
  5. Marku Chapter 12
  6. Marku Chapter 11
  7. Marku Chapter 6

Related Chapters & Readings

  1. Jobe Chapter 24
  2. AmaHubo Chapter 89
  3. Zefaniya Chapter 1
  4. Mathewu Chapter 17
  5. Jobe Chapter 12
  6. IsAmbulo Chapter 11
  7. AmaHubo Chapter 2
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *