EkaJuda Chapter 1

For English

Read EkaJuda Chapter 1 Online

Read EkaJuda Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of EkaJuda in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of EkaJuda and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

1

EkaJuda 1

Isahluko 1

1. UJuda inceku kaJesu Kristu, umfowabo kaJakobe, kubo ababiziweyo abathandwa kuNkulunkulu uYise nabagcinelwe uJesu Kristu:

2. Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando.

3. Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.

4. Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa yilokhu kulahlwa, abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.

5. Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke, ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,

6. nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama,

7. njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.

8. Nokho ngokunjalo-ke nalabo abaphuphayo bangcolisa inyama, bayeyisa imibuso, bahlambalaza ubukhosi.

9. Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ephikisana noSathane, ekhulumisana naye ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: “INkosi mayikujezise.”

10. Kepha laba bayahlambalaza konke abangakwaziyo, nalokho abakwaziyo ngemvelo njengezidalwa ezingenangqondo babhubha ngakho.

11. Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!

12. Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani, bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi, aqhutshwa yimimoya; bayimithi yasebusika engenazithelo, efe kabili, isishuliwe;

13. bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.

14. U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,

15. ukuze yahlulele bonke, ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo, nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.”

16. Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.

17. Kepha nina bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywe phambili ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu

18. abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.

19. Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya.

20. Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,

21. nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.

22. Abanye, abangabazayo, nibahawukele,

23. nibasindise ngokubahlwitha emlilweni, kepha abanye nibahawukele ngokwesaba, nizonde nengubo enindwe yinyama.

24. Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,

25. kuye uNkulunkulu oyedwa, uMsindisi wethu ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu, makube ngukukhazimula, nobukhosi, namandla, negunya, kungakabikho izikhathi, namanje nakuze kube phakade. Amen.

About EkaJuda Chapter 1

Read EkaJuda Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of EkaJuda in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: EkaJuda
Chapter: 1
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading EkaJuda. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading EkaJuda Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is EkaJuda Chapter 1?

EkaJuda Chapter 1 is part of the Book of EkaJuda in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete EkaJuda Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Ekajuda

Explore More from ITestamente Elisha

  1. Mathewu Chapter 27
  2. Mathewu Chapter 7
  3. Kolose Chapter 4
  4. Galathiya Chapter 5
  5. Luka Chapter 7
  6. Marku Chapter 11
  7. Marku Chapter 14

Related Chapters & Readings

  1. Isaya Chapter 52
  2. 1 Korinte Chapter 14
  3. AmaHubo Chapter 40
  4. IsAmbulo Chapter 22
  5. Genesise Chapter 31
  6. Hezekeli Chapter 27
  7. 1 IziKronike Chapter 13
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *