Zakariya Chapter 9

For English

Read Zakariya Chapter 9 Online

Read Zakariya Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Zakariya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Zakariya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Zakariya 9

Isahluko 9

1. Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso, ngokuba uJehova uneso kubantu, ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli,

2. kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.

3. ITire lazakhela inqaba, lanqwabela isiliva njengothuli, negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.

4. Bheka, iNkosi iyakulaphuca, iphonse imfuyo yalo elwandle, lona lidliwe ngumlilo.

5. I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe, neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu, kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha; inkosi iyakubhubha eGaza, ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.

6. E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla; ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.

7. Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo, nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo, nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu, babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.

8. Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami, ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo; akusayikudlula mcindezeli kubo, ngokuba sengibonile ngawami amehlo.

9. Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.

10. Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni kuze kufike emajukujukwini omhlaba.

11. Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho, ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.

12. Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba; namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.

13. Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo, ngibeka u-Efrayimi kuwo, ngivusela amadodana akho, Siyoni, kumadodana akho, Javani, ngikwenze inkemba yeqhawe.

14. UJehova abesebonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.

15. UJehova Sebawoti uyakubavikela, badle, banyathele phansi amatshe endwayimana; bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale njengemikhele, njengamagumbi e-altare.

16. UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolo suku njengomhlambi wabantu bakhe, ngokuba bangamatshe omqhele abengezela phezu kwezwe lakhe.

17. Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.

About Zakariya Chapter 9

Read Zakariya Chapter 9 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Zakariya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Zakariya
Chapter: 9
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Zakariya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Zakariya Chapter 9 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Zakariya Chapter 9?

Zakariya Chapter 9 is part of the Book of Zakariya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Zakariya Chapter 9 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. Esteri Chapter 2
  2. Jobe Chapter 1
  3. Zakariya Chapter 2
  4. Jobe Chapter 2
  5. Ruthe Chapter 1
  6. Zefaniya Chapter 2
  7. Ruthe Chapter 4

Explore More from zakariya

  1. Zakariya Chapter 7
  2. Zakariya Chapter 3
  3. Zakariya Chapter 2
  4. Zakariya Chapter 1
  5. Zakariya Chapter 11
  6. Zakariya Chapter 6
  7. Zakariya Chapter 8

Related Chapters & Readings

  1. 2 Samuweli Chapter 4
  2. Eksodusi Chapter 34
  3. Numeri Chapter 32
  4. Isaya Chapter 24
  5. AmaHubo Chapter 115
  6. Ezra Chapter 5
  7. 1 Samuweli Chapter 12
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *