Read 1 Johane Chapter 3 Online
Read 1 Johane Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Johane in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Johane and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 Johane 3
Isahluko 3
1. Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
2. Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
3. Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
4. Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
5. Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.
6. Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.
7. Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile;
8. owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
9. Lowo ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono, ngokuba imbewu yakhe ihlala kuye; futhi akanakona, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.
10. Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.
11. Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane,
12. kungabi njengoKayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kepha eyomfowabo yayilungile.
13. Ningamangali, bazalwane, uma izwe linizonda.
14. Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni.
15. Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.
16. Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
17. Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?
18. Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
19. Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe
20. ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.
21. Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu,
22. nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.
23. Yilo umyalo wakhe ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.
24. Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.
About 1 Johane Chapter 3
Read 1 Johane Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Johane in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 Johane
Chapter: 3
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Johane. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 Johane Chapter 3 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 Johane Chapter 3?
1 Johane Chapter 3 is part of the Book of 1 Johane in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 Johane Chapter 3 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1 Johane
Explore More from ITestamente Elisha
- KumaHeberu Chapter 6
- Marku Chapter 8
- 1 Korinte Chapter 7
- AmaRoma Chapter 9
- Kolose Chapter 1
- 2 Korinte Chapter 3
- AmaRoma Chapter 10