Read KumaHeberu Chapter 2 Online
Read KumaHeberu Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of KumaHeberu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of KumaHeberu and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
KumaHeberu 2
Isahluko 2
1. Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.
2. Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo,
3. thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? — okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,
4. uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobo nhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.
5. Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo.
6. Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi: “Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na?
7. Isikhashana wamenza waba mncinyane kunezingelosi; wambeka umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho, izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.”
8. Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe;
9. kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.
10. Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.
11. Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu,
12. ethi: “Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho, ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla,”
13. futhi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” futhi: “Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”
14. Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,
15. abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni.
16. Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama.
17. Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.
18. Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.
About KumaHeberu Chapter 2
Read KumaHeberu Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of KumaHeberu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: KumaHeberu
Chapter: 2
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading KumaHeberu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading KumaHeberu Chapter 2 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is KumaHeberu Chapter 2?
KumaHeberu Chapter 2 is part of the Book of KumaHeberu in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete KumaHeberu Chapter 2 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- Mathewu Chapter 1
- Mathewu Chapter 3
- Mathewu Chapter 17
- Mathewu Chapter 8
- Mathewu Chapter 4
- Mathewu Chapter 16
- Mathewu Chapter 12
Explore More from kumaheberu
- KumaHeberu Chapter 13
- KumaHeberu Chapter 6
- KumaHeberu Chapter 8
- KumaHeberu Chapter 11
- KumaHeberu Chapter 3
- KumaHeberu Chapter 12
- KumaHeberu Chapter 4