Johane Chapter 15

For English

Read Johane Chapter 15 Online

Read Johane Chapter 15 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Johane in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Johane and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Johane 15

Isahluko 15

1. “Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi.

2. Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.

3. Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina.

4. Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.

5. “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.

6. Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.

7. Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.

8. UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.

9. “Njengalokho uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami.

10. Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.

11. Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.

12. “Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.

13. Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.

14. Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.

15. Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.

16. Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.

17. Nginiyala ngalezo zinto, ukuze nithandane.

18. “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.

19. Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.

20. Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi: ‘Inceku ayinkulu kunenkosi yayo.’ Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begcina izwi lami, nelenu bayakuligcina.

21. Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.

22. Uma bengingafikile, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; kepha kalokhu kabanazaba ngesono sabo.

23. Ozonda mina uzonda noBaba.

24. Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.

25. Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’

26. “Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.

27. Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.

About Johane Chapter 15

Read Johane Chapter 15 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Johane in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Johane
Chapter: 15
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Johane. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Johane Chapter 15 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Johane Chapter 15?

Johane Chapter 15 is part of the Book of Johane in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Johane Chapter 15 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. IsAmbulo Chapter 16
  2. IsAmbulo Chapter 10
  3. IsAmbulo Chapter 3
  4. IsAmbulo Chapter 2
  5. Mathewu Chapter 1
  6. IsAmbulo Chapter 7
  7. IsAmbulo Chapter 1

Explore More from johane

  1. Johane Chapter 7
  2. Johane Chapter 9
  3. Johane Chapter 3
  4. Johane Chapter 2
  5. Johane Chapter 5
  6. Johane Chapter 1
  7. Johane Chapter 12

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 89
  2. AbAhluleli Chapter 14
  3. 1 IziKronike Chapter 15
  4. Numeri Chapter 30
  5. Ezra Chapter 3
  6. AmaHubo Chapter 137
  7. Hezekeli Chapter 41
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *