Levitikusi Chapter 5

For English

Read Levitikusi Chapter 5 Online

Read Levitikusi Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Levitikusi and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Levitikusi 5

Isahluko 5

1. “Uma umuntu ona lapho ezwa izwi lesifungo, engufakazi wokuthile, noma ekubonile noma ekwazi, engakusho nokho, khona wothwala ububi bakhe;

2. noma umuntu ethinta into engcolileyo, noma isidumbu sesilo esingcolileyo, noma isidumbu senkomo engcolileyo, noma isidumbu sesilwanyana esikhasayo esingcolileyo, kumsithele, engcolile nokho, woba necala.

3. “ ‘Noma ethinta ukungcola komuntu, nakuba yikuphi ukungcola kwakhe angcole ngakho, kumsithele, lapho esekwazi woba necala.

4. “ ‘Noma umuntu efunga ngamawala ngomlomo wakhe ukwenza okubi nokuba ukwenza okuhle, noma yikuphi umuntu angaphahluka ngakho ngesifungo, kumsithele, lapho esekwazi woba necala kokunye kwalokho.

5. “ ‘Kuyakuthi lapho enecala kokunye kwalokho, avume lokho one ngakho,

6. uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.

7. “ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, makalethe kuJehova ngesono one ngaso amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa,

8. awalethe kumpristi oyakunikela ngelomnikelo wesono kuqala, alishumpule inhloko entanyeni, angalidabuli kodwa,

9. afafaze uhlangothi lwe-altare ngegazi lomnikelo wesono, igazi eliseleyo likhanyelwe ngasesinqeni se-altare; kungumnikelo wesono.

10. Uyakulungisa elesibili libe ngumnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.

11. “ ‘Kepha uma amandla akhe enganeli amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, makalethe umnikelo wakhe ngalokho one ngakho, okweshumi kwe-efa lempuphu ecolekileyo, ube ngumnikelo wesono, angatheli mafutha phezu kwawo, angabeki nhlaka phezu kwawo, ngokuba kungumnikelo wesono,

12. awulethe kumpristi, umpristi acaphune kuwo ngokhweshe, kube yisikhumbuzo sawo, akushise e-altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova; kungumnikelo wesono.

13. Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, nakuyiphi yalezi zinto, aze athethelelwe; okuseleyo kube ngokompristi njengomnikelo wempuphu.’ ”

14. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

15. “Uma umuntu esenza isiphambeko, one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala, inqama yasemhlambini engenasici njengokulinganisa kwakho namashekeli esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,

16. akhokhele lokho one ngakho entweni engcwele, athasisele kukho okwesihlanu, akunike umpristi, umpristi amenzele ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, aze athethelelwe.

17. “Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.

18. Woletha kumpristi inqama engenasici yasemhlambini njengokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, umpristi amenzele ukubuyisana ngesiphosiso aphosise ngaso engazi, aze athethelelwe.

19. Kungumnikelo wecala; nempela unecala phambi kukaJehova.”

About Levitikusi Chapter 5

Read Levitikusi Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Levitikusi
Chapter: 5
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Levitikusi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Levitikusi Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Levitikusi Chapter 5?

Levitikusi Chapter 5 is part of the Book of Levitikusi in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Levitikusi Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 51
  6. AmaHubo Chapter 2
  7. AmaHubo Chapter 26

Explore More from levitikusi

  1. Levitikusi Chapter 18
  2. Levitikusi Chapter 15
  3. Levitikusi Chapter 2
  4. Levitikusi Chapter 4
  5. Levitikusi Chapter 22
  6. Levitikusi Chapter 20
  7. Levitikusi Chapter 7

Related Chapters & Readings

  1. Daniyeli Chapter 9
  2. Eksodusi Chapter 33
  3. Levitikusi Chapter 1
  4. AmaRoma Chapter 4
  5. Genesise Chapter 14
  6. Marku Chapter 4
  7. Isaya Chapter 46
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *