Read Levitikusi Chapter 18 Online
Read Levitikusi Chapter 18 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Levitikusi and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Levitikusi 18
Isahluko 18
1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguJehova uNkulunkulu wenu.
3. Ningenzi njengokwemisebenzi yezwe laseGibithe enahlala kulo, ningenzi futhi njengokwemisebenzi yezwe laseKhanani enginiyisa kulo, ningahambi ngemithetho yabo.
4. Nenze izahlulelo zami, nigcine imithetho yami ukuba nihambe ngayo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
5. Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo; nginguJehova.
6. “ ‘Makungasondeli muntu kowakubo ukwambula ubunqunu bakhe; nginguJehova.
7. “ ‘Ubunqunu bukayihlo, ubunqunu bukanyoko, ungabambuli, ungunyoko; ungambuli ubunqunu bakhe.
8. “ ‘Ubunqunu bomkayihlo ungabambuli; kungubunqunu bukayihlo.
9. “ ‘Ungambuli ubunqunu bukadadewenu, indodakazi kayihlo noma indodakazi kanyoko, noma ezelwe kini, noma ezelwe kwelinye; ungambuli ubunqunu babo.
10. “ ‘Ungambuli ubunqunu bendodakazi yendodana yakho noma obendodakazi yendodakazi yakho; awuyikwambula ubunqunu babo, ngokuba obabo bungubunqunu bakho.
11. “ ‘Ungambuli ubunqunu bendodakazi yomkayihlo, ezelwe nguyihlo; ungudadewenu; awuyikwambula ubunqunu bakhe.
12. “ ‘Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kayihlo; uyisihlobo sikayihlo.
13. “ ‘Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kanyoko, ngokuba uyisihlobo sikanyoko.
14. “ ‘Ungambuli ubunqunu bomfowabo kayihlo, ungasondeli kumkakhe; unguyihlokazi.
15. “ ‘Ungambuli ubunqunu bukamalokazana wakho; ungumkandodana yakho; awuyikwambula ubunqunu bakhe.
16. “ ‘Ungambuli ubunqunu bomkamfowenu; kungubunqunu bomfowenu.
17. “ ‘Ungambuli ubunqunu bowesifazane kanye nobendodakazi yakhe; ungathathi indodakazi yendodana yakhe, noma indodakazi yendodakazi yakhe ukwambula ubunqunu bayo, ngokuba bayizihlobo; kungukonakala.
18. “ ‘Ungathathi owesifazane kanye nodadewabo ukuba wambule ubunqunu bakhe kanye nomunye esekhona, aze ambange.
19. “ ‘Ungasondeli kowesifazane, wambule ubunqunu bakhe esangcolile ngokungcola kwakhe.
20. “ ‘Ungalali nomkamakhelwane ukuzingcolisa ngaye.
21. “ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.
22. “ ‘Ungalali nowesilisa njenganowesifazane; kuyisinengiso.
23. “ ‘Ungalali nesilwane ukuzingcolisa ngaso; nowesifazane makangemi phambi kwesilwane ukuba alale naso; kuyichilo.
24. “ ‘Ningazingcolisi nangeyodwa yalezo zinto, ngokuba ngazo zonke lezo zingcolile lezi zizwe engizixosha phambi kwakho.
25. Izwe lingcolile; ngalokho ngahambela ububi balo kulo, izwe lahlanza abantu balo.
26. Gcinani izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi nesisodwa salezo zinengiso, noma owokuzalwa ekhaya noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu
27. ngokuba zonke lezo zinengiso bazenza abantu balelo zwe ababekhona ngaphambi kwenu, izwe selangcola
28. ukuze izwe linganihlanzi nani, nxa nilingcolisa, njengalokho lahlanza isizwe esasikhona phambi kwenu.
29. “ ‘Ngokuba bonke abenza lezo zinengiso, yebo, abazenzayo bayakunqunywa kubantu bakubo.
30. Ngalokho gcinani isiyalezo sami ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngawo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”
About Levitikusi Chapter 18
Read Levitikusi Chapter 18 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Levitikusi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Levitikusi
Chapter: 18
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Levitikusi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Levitikusi Chapter 18 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Levitikusi Chapter 18?
Levitikusi Chapter 18 is part of the Book of Levitikusi in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Levitikusi Chapter 18 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 6
- AmaHubo Chapter 3
- AmaHubo Chapter 2
Explore More from levitikusi
- Levitikusi Chapter 26
- Levitikusi Chapter 8
- Levitikusi Chapter 1
- Levitikusi Chapter 4
- Levitikusi Chapter 25
- Levitikusi Chapter 24
- Levitikusi Chapter 13