Read Genesise Chapter 49 Online
Read Genesise Chapter 49 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Genesise in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Genesise and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Genesise 49
Isahluko 49
1. UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.
2. “Qoqanani, nizwe, nina madodana kaJakobe, nimlalele u-Israyeli uyihlo.
3. “Rubeni, uyizibulo lami wena, amandla ami, ukuqala kwezikhwepha zami, ingqongqo ngesithunzi, ingqongqo ngamandla.
4. Uyachichima njengamanzi, awuyikuba nabungqongqo, ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona; wakhwela okhukhweni lwami.
5. “OSimeyoni noLevi bayizelamani; izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.
6. Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
7. Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba lwalunamandla, nentukuthelo yabo, ngokuba yayinonya; ngizakubahlukanisa kwaJakobe, ngibasakaze kwa-Israyeli.
8. “Juda, abafowenu bazakukudumisa wena; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela.
9. UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni, ndodana yami. Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani oyakumvusa na?
10. Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.
11. Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle; uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.
12. Amehlo akhe ayaklwela iwayini, amazinyo akhe amhlophe ubisi.
13. “UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle, abe sosebeni lwemikhumbi; umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.
14. “U-Isakare uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.
15. Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle, nezwe ukuthi limnandi; wafolisa ihlombe ukuba athwale, waba yinceku yempoqo.
16. “UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe, njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli.
17. UDani uyakuba yinyoka endleleni, inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi, awe nyovane olikhweleyo.
18. “Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.
19. “UGadi, iviyo liyakumcindezela, kepha yena uyakucindezela isithende salo.
20. “Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe; uyakuveza isilovela samakhosi.
21. UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo; uveza amazwi amnandi.
22. “UJosefa uyingatsha entsha ethelayo, ingatsha ethela ngasemthonjeni; amagatsha akhe akhwela odongeni.
23. Abacibishelayo bayamkhathaza, bayamdubula, bayamzingela;
24. kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile; amandla ezandla zakhe aqiniswa ngezandla zoMninimandla kaJakobe, okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,
25. ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza, ngoSomandla ozakukubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nangezibusiso zasotweni olukhona phansi, nangezibusiso zamabele nezesizalo.
26. Izibusiso zikayihlo zinamandla kunezibusiso zawokhokho bami, kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo; ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade, nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.
27. “UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo; ekuseni uyadla impango, kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”
28. Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.
29. Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,
30. umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela;
31. lapho bembela o-Abrahama noSara umkakhe; lapho bembela o-Isaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya;
32. insimu nomhume okuyo okwathengwa kubantwana bakwaHeti.”
33. UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.
About Genesise Chapter 49
Read Genesise Chapter 49 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Genesise in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Genesise
Chapter: 49
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Genesise. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Genesise Chapter 49 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Genesise Chapter 49?
Genesise Chapter 49 is part of the Book of Genesise in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Genesise Chapter 49 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Genesise
- Genesise Chapter 18
- Genesise Chapter 6
- Genesise Chapter 32
- Genesise Chapter 13
- Genesise Chapter 34
- Genesise Chapter 26
- Genesise Chapter 17
Explore More from ITestamente Elidala
- Joweli Chapter 2
- Numeri Chapter 2
- Jobe Chapter 9
- Isaya Chapter 63
- Genesise Chapter 4
- IsiLilo Chapter 5
- IzAga Chapter 29