2 Samuweli Chapter 22

For English

Read 2 Samuweli Chapter 22 Online

Read 2 Samuweli Chapter 22 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Samuweli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Samuweli and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 Samuweli 22

Isahluko 22

1. UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,

2. wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;

3. uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.

4. Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.

5. “Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa.

6. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.

7. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.

8. “Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.

9. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.

10. Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

11. Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; wabonwa emaphikweni omoya.

12. Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo, amanzi aqoqane, amafu abe nzima.

13. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo.

14. UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

15. Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa.

16. Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.

17. Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi.

18. Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile.

19. Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami.

20. Wangiphumisela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

21. “UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

22. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

23. Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.

24. Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi.

25. UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.

26. “Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile; kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;

27. kohlanzekileyo uyazibonakalisa ehlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.

28. Uyasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.

29. Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.

30. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

31. Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

32. “Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

33. UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge,

34. yena owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami;

35. ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

36. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho; ubumnene bakho bungikhulisile.

37. Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi.

38. “Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.

39. Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami.

40. Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

41. Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.

42. Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

43. Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

44. “Wangikhulula ezimpini zabantu bami; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza.

45. Abafo bazithoba phansi kwami; banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela.

46. Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.

47. “UJehova usekhona malidunyiswe idwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

48. uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;

49. ongikhiphile ezitheni zami, wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

50. Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho.

51. Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”

About 2 Samuweli Chapter 22

Read 2 Samuweli Chapter 22 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Samuweli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 Samuweli
Chapter: 22
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Samuweli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 Samuweli Chapter 22 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 Samuweli Chapter 22?

2 Samuweli Chapter 22 is part of the Book of 2 Samuweli in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 Samuweli Chapter 22 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2-samuweli

  1. 2 Samuweli Chapter 1
  2. 2 Samuweli Chapter 11
  3. 2 Samuweli Chapter 5
  4. 2 Samuweli Chapter 4
  5. 2 Samuweli Chapter 3
  6. 2 Samuweli Chapter 19
  7. 2 Samuweli Chapter 18

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Genesise Chapter 43
  2. Duteronomi Chapter 27
  3. Joshuwa Chapter 13
  4. Genesise Chapter 14
  5. Hoseya Chapter 13
  6. Jobe Chapter 26
  7. Numeri Chapter 14

Related Chapters & Readings

  1. KumaHeberu Chapter 13
  2. AmaHubo Chapter 121
  3. Johane Chapter 13
  4. 1 AmaKhosi Chapter 8
  5. Isaya Chapter 12
  6. 1 AmaKhosi Chapter 11
  7. 1 Samuweli Chapter 8
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *