2 Samuweli Chapter 5

For English

Read 2 Samuweli Chapter 5 Online

Read 2 Samuweli Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Samuweli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Samuweli and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 Samuweli 5

Isahluko 5

1. Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.

2. Ngesikhathi esidlulileyo, uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.’ ”

3. Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.

4. UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane.

5. EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.

6. Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: “Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga,” ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha.

7. UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.

8. UDavide wathi ngalolo suku: “Yilowo nalowo ochitha amaJebusi makasukele emseleni wamanzi izinyonga nezimpumputhe lezo ezizondwa ngumphefumulo kaDavide; ngalokho kuthiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga azinakungena endlini.’ ”

9. UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.

10. UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.

11. UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu.

12. UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

13. UDavide wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi.

14. Nanka amagama abazalelwa eJerusalema: oShamuwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,

15. noJibari, no-Elishuwa, noNefegi, noJafiya,

16. no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti.

17. Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni.

18. AmaFilisti esefikile ahlakazeka esiGodini samaRefa.

19. UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?” UJehova wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”

20. UDavide wafika eBali Pherasimi, uDavide wawachitha khona; wathi: “UJehova ufohlile ezitheni zami phambi kwami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.

21. Ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bahamba nazo.

22. AmaFilisti abuye enyuka, ahlakazeka esiGodini samaRefa.

23. Lapho uDavide ebuza kuJehova, wathi yena: “Awuyikwenyuka; gwegwesa emva kwawo, uwafikele malungana namajikijolo.

24. Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.”

25. UDavide wenze njalo njengalokho uJehova emyalile, wachitha amaFilisti kusukela eGeba kuze kufike eGezeri.

About 2 Samuweli Chapter 5

Read 2 Samuweli Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Samuweli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 Samuweli
Chapter: 5
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Samuweli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 Samuweli Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 Samuweli Chapter 5?

2 Samuweli Chapter 5 is part of the Book of 2 Samuweli in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 Samuweli Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2-samuweli

  1. 2 Samuweli Chapter 1
  2. 2 Samuweli Chapter 11
  3. 2 Samuweli Chapter 4
  4. 2 Samuweli Chapter 3
  5. 2 Samuweli Chapter 19
  6. 2 Samuweli Chapter 18
  7. 2 Samuweli Chapter 15

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Eksodusi Chapter 12
  2. AmaHubo Chapter 82
  3. Amose Chapter 8
  4. Genesise Chapter 24
  5. AbAhluleli Chapter 19
  6. 2 AmaKhosi Chapter 8
  7. Jeremiya Chapter 49

Related Chapters & Readings

  1. 2 Petru Chapter 3
  2. Levitikusi Chapter 8
  3. Jobe Chapter 25
  4. AmaHubo Chapter 25
  5. Genesise Chapter 2
  6. 1 Petru Chapter 2
  7. IzEnzo Chapter 2
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *