Read Jeremiya Chapter 39 Online
Read Jeremiya Chapter 39 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jeremiya and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Jeremiya 39
Isahluko 39
1. Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nempi yakhe yonke eJerusalema, walivimbezela;
2. ngomnyaka weshumi nanye kaSedekiya ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga umuzi wafohlwa
3. kwangena zonke izikhulu zenkosi yaseBabele, zahlala esangweni eliphakathi, oNerigali Sareseri, noSamigari Nebo, noSaresekimi induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi, kanye nazo zonke ezinye izikhulu zenkosi yaseBabele.
4. Kwathi lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda nawo onke amadoda empi bezibona, babaleka, bephuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi ngesango phakathi kwezingange zombili; waphuma ngendlela yase-Araba.
5. Kepha impi yamaKaledi yabaxosha, yamfica uSedekiya emahlane aseJeriko, yambamba, yamkhuphulela kuNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eRibila ezweni laseHamati, wamahlulela.
6. Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya eRibila phambi kwamehlo akhe; futhi inkosi yaseBabele yabulala bonke abakhulu bakwaJuda.
7. Yakhipha namehlo kaSedekiya, yambopha ngamaketanga ukuba imyise eBabele.
8. AmaKaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, azidiliza izingange zaseJerusalema.
9. Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.
10. Kepha uNebuzaradani induna yabalindi wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngasikhathi sinye.
11. UNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:
12. “Mthathe, umbheke, ungamenzeli lutho olubi, kepha wenze kuye njengokusho kwakhe kuwe.”
13. UNebuzaradani induna yabalindi kanye noNebushazibani induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi, nezikhulu zonke zenkosi yaseBabele base bethumela,
14. bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo, bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.
15. Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya esavalelwe egcekeni letilongo, lithi:
16. “Hamba ukhulume ku-Ebedi Meleki umKushe, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela amazwi ami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, abe ngaphambi kwakho ngalolo suku.
17. Kepha ngiyakukophula ngalolo suku, usho uJehova, unganikelwa esandleni sabantu obesabayo.
18. Ngokuba ngiyakukukhulula nokukukhulula, awuyikuwa ngenkemba, kepha ukuphila kwakho kuyakuba yimpango kuwe, ngokuba ungethembile, usho uJehova.’ ”
About Jeremiya Chapter 39
Read Jeremiya Chapter 39 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Jeremiya
Chapter: 39
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jeremiya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Jeremiya Chapter 39 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Jeremiya Chapter 39?
Jeremiya Chapter 39 is part of the Book of Jeremiya in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Jeremiya Chapter 39 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 1
- AmaHubo Chapter 49
- AmaHubo Chapter 20
- AmaHubo Chapter 10
- AmaHubo Chapter 51
- AmaHubo Chapter 2
- AmaHubo Chapter 15
Explore More from Jeremiya
- Jeremiya Chapter 45
- Jeremiya Chapter 9
- Jeremiya Chapter 44
- Jeremiya Chapter 15
- Jeremiya Chapter 40
- Jeremiya Chapter 50
- Jeremiya Chapter 27