Read Johane Chapter 20 Online
Read Johane Chapter 20 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Johane in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Johane and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Johane 20
Isahluko 20
1. Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.
2. Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.”
3. Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni.
4. Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni;
5. elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga.
6. Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona,
7. neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo.
8. Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa;
9. ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.
10. Base bemuka abafundi, baphindela kubo.
11. Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala; esakhala walunguza ethuneni;
12. wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.
13. Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.”
14. Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu.
15. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?” Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.”
16. UJesu wathi kuye: “Mariya!” Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: “Rabuni,” okungukuthi: “Mfundisi.”
17. UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”
18. UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi: “Ngiyibonile iNkosi,” nokuthi: “Ishilo lokho kimi.”
19. Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku, olokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”
20. Eseshilo lokho wabakhombisa izandla nohlangothi lwakhe. Base bethokoza abafundi beyibona iNkosi.
21. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.”
22. Kwathi ukuba asho njalo, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele.
23. Enibathethelela izono zabo bathethelelwe; nenibabamba ngazo babanjiwe.”
24. Kepha uTomase, omunye kwabayishumi nambili, othiwa uDidimu, wayengekho kubo mhla efika uJesu.
25. Ngakho-ke abanye abafundi bathi kuye: “Siyibonile iNkosi.” Kepha wathi kubo: “Uma ngingaboni ezandleni zayo inxeba lezipikili, ngifake umunwe wami enxebeni lezipikili, ngifake isandla sami ohlangothini lwayo, angisoze ngakholwa.”
26. Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo. UJesu wafika iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.”
27. Wayesethi kuTomase: “Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho, usifake ohlangothini lwami; ungabi ngongakholwayo kodwa okholwayo.”
28. UTomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”
29. UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”
30. Izibonakaliso ezinye eziningi uJesu wazenza phambi kwabafundi bakhe, ezingalotshiwe kule ncwadi.
31. Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.
About Johane Chapter 20
Read Johane Chapter 20 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Johane in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Johane
Chapter: 20
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Johane. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Johane Chapter 20 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Johane Chapter 20?
Johane Chapter 20 is part of the Book of Johane in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Johane Chapter 20 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- IsAmbulo Chapter 16
- IsAmbulo Chapter 10
- IsAmbulo Chapter 3
- IsAmbulo Chapter 2
- Mathewu Chapter 1
- IsAmbulo Chapter 7
- IsAmbulo Chapter 1
Explore More from johane
- Johane Chapter 2
- Johane Chapter 8
- Johane Chapter 3
- Johane Chapter 6
- Johane Chapter 1
- Johane Chapter 15
- Johane Chapter 5