Jeremiya Chapter 10

For English

Read Jeremiya Chapter 10 Online

Read Jeremiya Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Jeremiya and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Jeremiya 10

Isahluko 10

1. Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli.

2. Usho kanje uJehova, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini, ngokuba abezizwe bezesaba.

3. Ngokuba imikhuba yabantu iyize, lokhu kugawulwa umuthi ehlathini; ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.

4. Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide, bawubethela ngezipikili nangezando ukuba ungazamazami.

5. Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi; uyathwalwa nokuthwalwa, ngokuba awuhambi. Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi, nokuhle awunakukwenza.”

6. Akakho onjengawe Jehova; umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.

7. Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.

8. Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,

9. nezingcwecwe zesiliva ezilethwe zivela eTharishishi negolide lase-Ofiri, umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi, kugqokiswe okuluhlaza nokububende, kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.

10. Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.

11. “Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”

12. Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

13. Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.

14. Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.

15. Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.

16. Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.

17. Qoqa umshuqulo wakho ezweni wena ohlezi ekuvinjezelweni.

18. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo ezweni ngalo mzuzwana, ngibacindezele ukuze bakuzwe.”

19. Maye kimina ngenxa yokulimala kwami! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: “Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala.”

20. Itende lami lichithakele, zonke izintambo zami zigqabukile; abantwana bami basukile kimi, kabasekho; kasekho owokwelula itende lami nowokumisa izilenge zami.

21. Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku, abamfunanga uJehova; ngalokho abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.

22. Bheka, kusondela izwi lombiko, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka.

23. Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.

24. Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.

25. Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.

About Jeremiya Chapter 10

Read Jeremiya Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Jeremiya in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Jeremiya
Chapter: 10
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Jeremiya. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Jeremiya Chapter 10 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Jeremiya Chapter 10?

Jeremiya Chapter 10 is part of the Book of Jeremiya in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Jeremiya Chapter 10 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elidala

  1. AmaHubo Chapter 1
  2. AmaHubo Chapter 49
  3. AmaHubo Chapter 20
  4. AmaHubo Chapter 10
  5. AmaHubo Chapter 2
  6. AmaHubo Chapter 6
  7. AmaHubo Chapter 4

Explore More from Jeremiya

  1. Jeremiya Chapter 19
  2. Jeremiya Chapter 15
  3. Jeremiya Chapter 13
  4. Jeremiya Chapter 35
  5. Jeremiya Chapter 23
  6. Jeremiya Chapter 11
  7. Jeremiya Chapter 1

Related Chapters & Readings

  1. Nehemiya Chapter 10
  2. 2 AmaKhosi Chapter 3
  3. Eksodusi Chapter 6
  4. Jeremiya Chapter 21
  5. Hezekeli Chapter 3
  6. Genesise Chapter 35
  7. Levitikusi Chapter 5
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *