Read Genesise Chapter 35 Online
Read Genesise Chapter 35 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Genesise in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Genesise and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Genesise 35
Isahluko 35
1. UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.”
2. Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu,
3. sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.”
4. Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki elalingaseShekemi.
5. Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.
6. UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele, yena kanye nabantu bonke ababe naye.
7. Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.
8. UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki; igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.
9. UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu, wambusisa.
10. UNkulunkulu wathi kuye: “Igama lakho linguJakobe, igama lakho alisayikuthiwa uJakobe; igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,” wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.
11. UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;
12. izwe engabapha lona o-Abrahama no-Isaka, ngiyakulinika wena; nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”
13. UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulume naye khona.
14. UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo.
15. UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.
16. Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.
17. Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.”
18. Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.
19. Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.
20. UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.
21. U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase-Edere.
22. Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.
23. Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.
24. Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini.
25. Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali.
26. Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.
27. UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona.
28. Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
29. U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.
About Genesise Chapter 35
Read Genesise Chapter 35 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Genesise in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Genesise
Chapter: 35
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Genesise. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Genesise Chapter 35 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Genesise Chapter 35?
Genesise Chapter 35 is part of the Book of Genesise in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Genesise Chapter 35 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Genesise
- Genesise Chapter 18
- Genesise Chapter 6
- Genesise Chapter 32
- Genesise Chapter 34
- Genesise Chapter 13
- Genesise Chapter 45
- Genesise Chapter 43
Explore More from ITestamente Elidala
- Levitikusi Chapter 24
- Eksodusi Chapter 10
- Hezekeli Chapter 47
- AmaHubo Chapter 126
- Jeremiya Chapter 12
- AmaHubo Chapter 12
- Isaya Chapter 38