Read Joshuwa Chapter 11 Online
Read Joshuwa Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Joshuwa in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Joshuwa and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Joshuwa 11
Isahluko 11
1. Kwathi lapho uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabi inkosi yaseMadoni, nakuyo inkosi yaseShimroni, nakuyo inkosi yase-Akishafu,
2. nakuwo amakhosi angasenyakatho ezintabeni, nase-Araba ngaseningizimu kwaseKinereti, nasemathafeni, nasezintabeni zaseDori ngasentshonalanga,
3. nakuwo amaKhanani ngasempumalanga nangasentshonalanga, nakuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi ngaphansi kweHermoni ezweni laseMispa.
4. Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.
5. Onke lawo makhosi ahlangana, eza amisa ndawonye ngasemanzini aseMerome ukuba alwe no-Israyeli.
6. UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”
7. Wayesefika uJoshuwa nabo bonke abantu bempi benaye, babazuma ngasemanzini aseMerone, babadumela.
8. UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefoti Mayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.
9. UJoshuwa wenza kubo njengokumyala kukaJehova: wanquma amahhashi abo imisipha, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.
10. UJoshuwa wabuya ngaleso sikhathi, wathatha iHasori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, ngokuba iHasori laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso kuqala.
11. Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba, babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo.
12. Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.
13. Kepha imizi eyayimi emagqumeni ayo u-Israyeli akashisanga namunye kuyo ngaphandle kweHasori kuphela; lowo uJoshuwa wawushisa.
14. Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.
15. Njengalokho uJehova ebemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa; noJoshuwa wenze njalo; akayekanga into neyodwa kukho konke uJehova amyala ngakho uMose.
16. UJoshuwa wathatha-ke lonke lelo zwe, izintaba, neNingizimu yonke, nalo lonke izwe laseGosheni, namathafa, ne-Araba, nezintaba zakwa-Israyeli, namathafa akhe,
17. kusukela entabeni yaseHalaki kwenyukela eSeyiri, yebo, naseBali Gadi esigodini saseLebanoni ngaphansi kwentaba yaseHermoni; onke amakhosi abo wawathatha, wawagenca, wawabulala.
18. UJoshuwa walwa isikhathi eside nawo onke lawo makhosi.
19. Akwabakho muzi owenza ukuthula nabantwana bakwa-Israyeli ngaphandle kwamaHivi akhileyo eGibeyoni; bayinqoba yonke ngokulwa.
20. Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlangabezane no-Israyeli ngokulwa, ukuze abaqothule, angabahawukeli, kepha abachithe, njengalokho uJehova ebemyalile uMose.
21. UJoshuwa wafika ngaleso sikhathi, wanquma ama-Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, nase-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda, nasezintabeni zakwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.
22. Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.
23. Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.
About Joshuwa Chapter 11
Read Joshuwa Chapter 11 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Joshuwa in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Joshuwa
Chapter: 11
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Joshuwa. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Joshuwa Chapter 11 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Joshuwa Chapter 11?
Joshuwa Chapter 11 is part of the Book of Joshuwa in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Joshuwa Chapter 11 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elidala
- Esteri Chapter 2
- Jobe Chapter 1
- Ruthe Chapter 1
- Zakariya Chapter 2
- Zefaniya Chapter 2
- Jobe Chapter 2
- Ruthe Chapter 4
Explore More from joshuwa
- Joshuwa Chapter 6
- Joshuwa Chapter 18
- Joshuwa Chapter 20
- Joshuwa Chapter 5
- Joshuwa Chapter 9
- Joshuwa Chapter 23
- Joshuwa Chapter 4