Read 1 Thimothewu Chapter 1 Online
Read 1 Thimothewu Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Thimothewu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Thimothewu and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 Thimothewu 1
Isahluko 1
1. UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu,
2. kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
3. Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo,
4. futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;
5. kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo,
6. abathe abanye bephaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize,
7. befuna ukuba babe ngabafundisi bomthetho, ingani kabaqondi abakushoyo nabaqinisa ngakho begomela.
8. Siyazi kambe ukuthi umthetho muhle, nxa umuntu ewusebenzisa ngokomthetho,
9. ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu,
10. nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,
11. ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina.
12. Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni,
13. noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.
14. Kepha umusa weNkosi yethu wavama kakhulu kanye nokukholwa nothando olukuKristu Jesu.
15. Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni, engingesikhulu kuzo;
16. kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.
17. Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
18. Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo,
19. unokukholwa nonembeza omuhle, okuthe abanye bekulahlile, bafelwa umkhumbi wokukholwa,
20. abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.
About 1 Thimothewu Chapter 1
Read 1 Thimothewu Chapter 1 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Thimothewu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 Thimothewu
Chapter: 1
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Thimothewu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 Thimothewu Chapter 1 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 Thimothewu Chapter 1?
1 Thimothewu Chapter 1 is part of the Book of 1 Thimothewu in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 Thimothewu Chapter 1 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1-thimothewu
- 1 Thimothewu Chapter 2
- 1 Thimothewu Chapter 6
- 1 Thimothewu Chapter 4
- 1 Thimothewu Chapter 3
- 1 Thimothewu Chapter 5
Explore More from ITestamente Elisha
- IsAmbulo Chapter 2
- 1 Thimothewu Chapter 3
- Galathiya Chapter 3
- Filipi Chapter 2
- Marku Chapter 1
- 1 Korinte Chapter 8
- AmaRoma Chapter 13