IzEnzo Chapter 25

For English

Read IzEnzo Chapter 25 Online

Read IzEnzo Chapter 25 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzEnzo in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of IzEnzo and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

IzEnzo 25

Isahluko 25

1. Kwathi uFestu engenile esikhundleni, wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema;

2. abapristi abakhulu nezikhulu zabaJuda base bemangalela uPawulu kuye, bamncenga,

3. bazicelela umusa ngaye wokuba ambizele eJerusalema, becebile ukumqamekela ukuba bambulale endleleni.

4. Kepha uFestu waphendula ngokuthi uPawulu ugcinwe eKesariya nokuthi naye usezakuya khona masinyane;

5. wathi: “Izikhulu phakathi kwenu azehle nami; uma kukhona utho olubi kuleyo ndoda, aziyimangalele.”

6. Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.

7. Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa,

8. lapho uPawulu eziphendulela ngokuthi: “Angonanga ngalutho nasemthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKesari.”

9. Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawulu, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wahlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?”

10. UPawulu wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari, lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona. Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.

11. Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”

12. Khona uFestu esekhulumile nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.”

13. Kwathi sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBernike behlela eKesariya ukuyobingelela uFestu.

14. Sebehlezi khona izinsuku eziningi, uFestu weneka phambi kwenkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eyashiywa nguFeliksi iboshiwe;

15. kwathi ngiseJerusalema, abapristi abakhulu namalunga abaJuda babika ngaye becela ukuba ilahlwe;

16. ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukumnikela umuntu omangalelwayo engakamiswa phambi kwabammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.

17. Ngakho sebebuthene lapha, angilibalanga; ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba leyo ndoda ilethwe;

18. basukuma-ke abayimangalelayo, kepha abavezanga cala ngayo lalezo zinto ezimbi ebengizicabangile mina,

19. kodwa babe nokuphikisana okuthile naye ngenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu, owafayo, asho ngaye uPawulu ukuthi uyaphila.

20. Kuthe mina ngisakhohliwe ukuthi leyo ndaba ngizakuyihlola kanjani, ngathi angathanda yini ukuya eJerusalema ukuba ahlulelwe khona ngalezo zinto.

21. Kepha uPawulu eselidlulisile wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKesari.”

22. U-Agripha wayesethi kuFestu: “Nami bengithanda ukumuzwa lowo muntu.” Wathi: “Uzakumuzwa ngomuso.”

23. Khona ngangomuso kwafika o-Agripha noBernike ngemvunulo enkulu, bangena endlini yamacala kanye nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi; uFestu wayala ukuba uPawulu alethwe.

24. UFestu wathi: “Nkosi, Agripha, nani nonke nina madoda enikhona lapha kanye nathi, niyambona lona oluze ngaye kimi lonke uquqaba lwabaJuda eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuba abe esaphila.

25. Kepha mina ngabona ukuthi akenzanga lutho olufanele ukuba afe, kodwa ngenxa yokudlulisela kwakhe kuKesari ngazinqumela ukumthuma.

26. Anginanto eqinisekileyo ngaye engingayilobela inkosi; ngakho ngimlethile phambi kwenu, ikakhulu phambi kwakho, nkosi Agripha, ukuze kuthi sekuhloliwe, ngibe nakho engingakuloba.

27. Ngokuba mina ngokwami ngithi akuqondile, uma kuthunyelwa isiboshwa, kungakhonjwa amacala aso.”

About IzEnzo Chapter 25

Read IzEnzo Chapter 25 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of IzEnzo in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: IzEnzo
Chapter: 25
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading IzEnzo. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading IzEnzo Chapter 25 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is IzEnzo Chapter 25?

IzEnzo Chapter 25 is part of the Book of IzEnzo in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete IzEnzo Chapter 25 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from ITestamente Elisha

  1. IsAmbulo Chapter 16
  2. IsAmbulo Chapter 10
  3. Mathewu Chapter 1
  4. IsAmbulo Chapter 3
  5. IsAmbulo Chapter 2
  6. IsAmbulo Chapter 7
  7. IsAmbulo Chapter 1

Explore More from Izenzo

  1. IzEnzo Chapter 12
  2. IzEnzo Chapter 24
  3. IZenzo Chapter 23
  4. IZenzo Chapter 17
  5. IZenzo Chapter 5
  6. IZenzo Chapter 4
  7. IZenzo Chapter 28

Related Chapters & Readings

  1. AmaHubo Chapter 40
  2. Ruthe Chapter 1
  3. Jobe Chapter 27
  4. Zakariya Chapter 7
  5. Efesu Chapter 5
  6. Habakuki Chapter 3
  7. Kolose Chapter 3
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *