Read Duteronomi Chapter 8 Online
Read Duteronomi Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Duteronomi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Duteronomi and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Duteronomi 8
Isahluko 8
1. “Yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.
2. Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.
3. Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.
4. Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga le minyaka engamashumi amane.
5. Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.
6. “Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.
7. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho useyakungenisa ezweni elihle, izwe elinemifudlana yamanzi, nemithombo, nezinzulu eziphuphuma ezigodini nasezintabeni,
8. izwe likakolweni, nelebhali, nelemivini, nelemikhiwane, nelamapomegranati, izwe leminqumo enamafutha, nelezinyosi,
9. izwe lapho uyakudla khona isinkwa kungekho kuswela; awuyikudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nelizintaba zalo ungemba kuzo ithusi.
10. “Uyakudla usuthe, umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.
11. Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla,
12. funa lapho usudlile wasutha, nalapho usuwakhile izindlu ezinhle, wahlala kuzo,
13. kwandile izinkomo zakho nezimvu zakho, kwandile nesiliva lakho negolide lakho, kwandile konke onakho,
14. inhliziyo yakho bese yiphakama, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila,
15. wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha;
16. wakupha imana ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni,
17. uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.’
18. Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.
19. “Kuyakuthi uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ukhuleke kubo, ngiyanixwayisa namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha.
20. Njengezizwe uJehova azenza ukuba zibhubhe phambi kwenu, kanjalo niyakubhubha nani, ngokuba naningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.
About Duteronomi Chapter 8
Read Duteronomi Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Duteronomi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Duteronomi
Chapter: 8
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Duteronomi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Duteronomi Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Duteronomi Chapter 8?
Duteronomi Chapter 8 is part of the Book of Duteronomi in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Duteronomi Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Duteronomi
- Duteronomi Chapter 2
- Duteronomi Chapter 10
- Duteronomi Chapter 5
- Duteronomi Chapter 34
- Duteronomi Chapter 11
- Duteronomi Chapter 1
- Duteronomi Chapter 20
Explore More from ITestamente Elidala
- AbAhluleli Chapter 20
- Habakuki Chapter 1
- Jobe Chapter 25
- UmShumayeli Chapter 4
- Jeremiya Chapter 34
- 2 Samuweli Chapter 6
- AmaHubo Chapter 73