Read Duteronomi Chapter 14 Online
Read Duteronomi Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Duteronomi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Duteronomi and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Duteronomi 14
Isahluko 14
1. “Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, ningaziphuculi phezu kwamehlo enu ngenxa yabafileyo.
2. Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
3. “Ungadli into enengekayo.
4. Nazi izilwane eningazidla: inkomo, nemvu, nembuzi,
5. nendluzele, nensephe, nenxala, nempala, nempalampala, newula, negogo.
6. Ningadla nezilwane ezahlukanisa inselo, ezidabula inselo kabili, ezetshisayo kuzo izilwane.
7. Nokho lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakuzo ezidabula inselo: ikamela, nonogwaja, nembila, ngokuba ziyetshisa, zingahlukanisi kodwa inselo; zingcolile kini;
8. nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, ingetshisi kodwa; ingcolile kini; aniyikuyidla inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo.
9. “Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe;
10. zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe ningezidle; zingcolile kini.
11. “Ningadla kuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo.
12. Kodwa yilezi eningayikudla kuzo: ukhozi, nenqe, nengqungqulu,
13. nesiphungumangathi, noheshe, nonhloyile ngezinhlobo zakhe,
14. nawo onke amagwababa ngezinhlobo zawo,
15. nentshe, nenkovana, nenkanku, noklebe ngezinhlobo zakhe,
16. nesikhova, nomxwagele, nefukezi,
17. nevuba, nophalane, nomphishamanzi,
18. nonogolantethe, nonozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, noziningweni, nelulwane.
19. “Nezilwanyana zonke ezinamaphiko zingcolile kini: azinakudliwa.
20. Kepha ezinyonini zonke ezihlambulukileyo ningadla.
21. “Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle, noma uthengise ngakho kowezizwe, ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.
22. “Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka,
23. ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kwamabele akho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho, nokwawezimvu zakho, ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.
24. Uma indlela ikude nawe, ungenamandla okukuthwala, ngokuba ikude kakhulu nawe indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba alibeke kuyo igama lakhe, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisa,
25. uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,
26. uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo, izinkabi, noma izimvu, noma iwayini, noma uphuzo olunamandla, noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo, udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho;
27. nomLevi ophakathi kwamasango akho awuyikumeyisa, ngokuba akanasabelo nafa nawe.
28. “Ngasekugcineni kweminyaka emithathu njalo uyakukhipha konke okweshumi kwezithelo zakho ngawona lowo mnyaka, ukubekelele phakathi kwamasango akho;
29. nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.
About Duteronomi Chapter 14
Read Duteronomi Chapter 14 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Duteronomi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Duteronomi
Chapter: 14
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Duteronomi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Duteronomi Chapter 14 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Duteronomi Chapter 14?
Duteronomi Chapter 14 is part of the Book of Duteronomi in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Duteronomi Chapter 14 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from Duteronomi
- Duteronomi Chapter 11
- Duteronomi Chapter 34
- Duteronomi Chapter 24
- Duteronomi Chapter 27
- Duteronomi Chapter 17
- Duteronomi Chapter 3
- Duteronomi Chapter 2
Explore More from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 38
- AmaHubo Chapter 71
- AmaHubo Chapter 37
- Eksodusi Chapter 39
- AmaHubo Chapter 36
- Jobe Chapter 13
- Hezekeli Chapter 20