Read Amose Chapter 3 Online
Read Amose Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Amose in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Amose and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Amose 3
Isahluko 3
1. Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:
2. “Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”
3. Kuhamba ababili kanyekanye, uma bengavumelananga, na?
4. Ingonyama iyabhodla ehlathini, ingenampango, na? Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo, uma lingabambanga lutho, na?
5. Inyoni iwela ogibeni emhlabathini, ingenasihibe, na? Ugibe luyaxhuma emhlabathini, lungabambanga nokubamba, na?
6. Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?
7. Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
8. Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?
9. Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi: “Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.”
10. “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova; “babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”
11. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sehlise kini izinqaba zenu, ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”
12. Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe, kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa, abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo naphezu kwezingubo zikasilika zemibhede.”
13. “Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.
14. “Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakuhambela nama-altare aseBethele, kunqunywe izimpondo ze-altare, ziwe phansi.
15. Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo, kuphele izindlu zophondo lwendlovu, yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.
About Amose Chapter 3
Read Amose Chapter 3 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Amose in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Amose
Chapter: 3
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Amose. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Amose Chapter 3 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Amose Chapter 3?
Amose Chapter 3 is part of the Book of Amose in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Amose Chapter 3 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from amose
- Amose Chapter 1
- Amose Chapter 5
- Amose Chapter 2
- Amose Chapter 8
- Amose Chapter 4
- Amose Chapter 9
- Amose Chapter 7
Explore More from ITestamente Elidala
- AmaHubo Chapter 91
- Mika Chapter 7
- Hezekeli Chapter 29
- AmaHubo Chapter 40
- Numeri Chapter 19
- Hezekeli Chapter 27
- IzAga Chapter 8