Amose Chapter 8

For English

Read Amose Chapter 8 Online

Read Amose Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Amose in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Amose and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Amose 8

Isahluko 8

1. INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo.

2. Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.

3. “Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”

4. Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,

5. nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa libe lincane, senze ishekeli libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,

6. ukuze sithenge abampofu ngesiliva nabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo, sithengise ngamahlunge kakolweni.”

7. UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.

8. “Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho, balile bonke abakhileyo kuwo, na? Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile, unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.

9. “Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova, “ngilishonise ilanga emini, ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.

10. Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”

11. “Bhekani, izinsuku ziyeza,” isho iNkosi uJehova, “lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yezinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.

12. Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga, bahambahambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayikulifumana.

13. “Ngalolo suku izintombi ezinhle nezinsizwa ziyakudangala ukoma.

14. Abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’ nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’ bayakuwa, bangabe besavuka.”

About Amose Chapter 8

Read Amose Chapter 8 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Amose in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Amose
Chapter: 8
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Amose. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Amose Chapter 8 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Amose Chapter 8?

Amose Chapter 8 is part of the Book of Amose in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Amose Chapter 8 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from amose

  1. Amose Chapter 1
  2. Amose Chapter 5
  3. Amose Chapter 2
  4. Amose Chapter 3
  5. Amose Chapter 4
  6. Amose Chapter 9
  7. Amose Chapter 7

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Hoseya Chapter 3
  2. IsiHlabelelo SeziHlabelelo Chapter 4
  3. Eksodusi Chapter 20
  4. Genesise Chapter 39
  5. Ezra Chapter 3
  6. AmaHubo Chapter 120
  7. Jobe Chapter 16

Related Chapters & Readings

  1. 2 IziKronike Chapter 4
  2. Genesise Chapter 25
  3. Eksodusi Chapter 1
  4. Johane Chapter 9
  5. Jeremiya Chapter 18
  6. Jona Chapter 4
  7. Eksodusi Chapter 24
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *