Amose Chapter 4

For English

Read Amose Chapter 4 Online

Read Amose Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Amose in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Amose and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

A+ A A-

Amose 4

Isahluko 4

1. Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”

2. INkosi uJehova ifungile ubungcwele bayo ukuthi: “Bhekani, izinsuku ziyakunehlela lapho niyakususwa ngezingwegwe, nabaseleyo kini ngezindobo.

3. Niyakuphuma emifantwini, kube yilowo nalowo ngoqondene naye, nilahlwe eHermoni,” usho uJehova.

4. “Wozani eBethele, niphambeke, naseGiligali, nandise iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo, nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,

5. nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo, nimemezele iminikelo yesihle, niyizwakalise, ngokuba nithanda kanjalo, bantwana bakwa-Israyeli,” isho iNkosi uJehova.

6. “Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonke nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kepha anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

7. “Futhi ngagodla kini imvula, kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe, ngalinisa phezu komunye umuzi, komunye umuzi angilinisanga; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha.

8. Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

9. “Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha; izivande zenu, nezivini zenu, nemikhiwane yenu, neminqumo yenu eminingi kwadliwa yisibotho, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

10. “Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe, ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba ukunuka kwekamu lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

11. “Nganichitha njengalokho uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

12. “Ngalokho ngiyakwenze njalo kuwe Israyeli; njengokuba ngiyakwenza lokhu kuwe, zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”

13. Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.

About Amose Chapter 4

Read Amose Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Amose in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Amose
Chapter: 4
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Amose. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Amose Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Amose Chapter 4?

Amose Chapter 4 is part of the Book of Amose in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Amose Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from amose

  1. Amose Chapter 1
  2. Amose Chapter 3
  3. Amose Chapter 8
  4. Amose Chapter 2
  5. Amose Chapter 9
  6. Amose Chapter 6
  7. Amose Chapter 5

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Genesise Chapter 40
  2. AmaHubo Chapter 46
  3. Levitikusi Chapter 9
  4. 1 Samuweli Chapter 26
  5. Nehemiya Chapter 8
  6. Isaya Chapter 26
  7. Hezekeli Chapter 28

Related Chapters & Readings

  1. 1 Samuweli Chapter 16
  2. Isaya Chapter 16
  3. Levitikusi Chapter 7
  4. Isaya Chapter 38
  5. Jona Chapter 4
  6. KumaHeberu Chapter 5
  7. 2 IziKronike Chapter 33
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *