1 Samuweli Chapter 10

For English

Read 1 Samuweli Chapter 10 Online

Read 1 Samuweli Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Samuweli in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 Samuweli and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

1 Samuweli 10

Isahluko 10

1. USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na?

2. Nxa usumukile kimi namuhla, uyakufumana abantu ababili ngasethuneni likaRaheli emkhawulweni wakwaBenjamini eSelisa; bayakuthi kuwe: ‘Izimbongolo owawuye ukuzifuna zitholiwe; bheka, uyihlo uyekile izimbongolo, uyenqena ngani, ethi: “Ngiyakwenze njani ngomntanami na?” ’

3. “Nxa usukile khona uye phambili, uyakufika kulo i-oki laseThabori; kuyakuhlangana nawe khona abantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBethele, omunye ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini;

4. bayakukubingelela, bakunike izinkwa ezimbili oyakuzamukela ezandleni zabo.

5. “Emva kwalokho uyakufika entabeni kaNkulunkulu, lapho likhona ikhanda lamaFilisti; kuyakuthi nxa usufikile khona emzini, uhlangane neviyo labaprofethi behla endaweni ephakemeyo benogubhu, nesigubhu, negenkle, nehabhu phambi kwabo, beprofetha;

6. uMoya kaJehova uyakwehlela phezu kwakho, uyakuprofetha kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.

7. Kuyakuthi lapho lezo zibonakaliso sezifikile kuwe, wenze esikufumanayo isandla sakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.

8. “Uyakwehla phambi kwami ukuya eGiligali; bheka, ngiyakwehlela kuwe ukuba nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike kuwe, ngikutshele oyakukwenza.”

9. Kwathi esefulathela emuka kuSamuweli, uNkulunkulu waphendukisa inhliziyo yakhe yaba ngenye; zonke lezo zibonakaliso zafika ngalona lolo suku.

10. Lapho sebefike khona entabeni, bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.

11. Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye: “Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

12. Kwaphendula umuntu wakhona, wathi: “Ngubani uyise na?” Ngalokho kwaba yisaga ukuthi: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”

13. Eseqedile ukuprofetha wafika endaweni ephakemeyo.

14. Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: “Nike naya ngaphi na?” Wathi: “Besiye kufuna izimbongolo; lapho sesibonile ukuthi azikho, sase siya kuSamuweli.”

15. Uyisekazi kaSawule wathi: “Ake ningitshele: Utheni kini uSamuweli na?”

16. USawule wathi kuyisekazi: “Usitshele impela ukuthi izimbongolo zitholiwe.” Kepha indaba yombuso akhuluma ngayo uSamuweli akamtshelanga yona.

17. USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa;

18. wathi kubantu bakwa-Israyeli: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Ngenyusa u-Israyeli eGibithe, nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyanicindezelayo;’

19. kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.”

20. USamuweli wayesesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwadliwa isizwe sakwaBenjamini.

21. Wayesesondeza isizwe sakwaBenjamini ngemindeni yabo, kwadliwa umndeni wakwaMatri; kwadliwa uSawule indodana kaKishi; kepha lapho bebemfuna, akafunyanwanga.

22. Babuye babuza uJehova ukuthi: “Usezakufika lowo muntu na?” UJehova waphendula wathi: “Bheka, ucashile empahleni.”

23. Bagijima, bamlanda khona; wema phakathi kwabantu, wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuya phezulu.

24. USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Mbhekeni amkhethileyo uJehova ukuthi akakho onjengaye kubantu bonke.” Base bekhamuluka abantu bonke, bathi: “Mayime njalo inkosi.”

25. USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso, wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova. USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo.

26. Naye uSawule waya ekhaya lakhe eGibeya; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile.

27. Kepha abantu ababi bathi: “Uyakusisindisa kanjani lowo na?” Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.

About 1 Samuweli Chapter 10

Read 1 Samuweli Chapter 10 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 Samuweli in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 1 Samuweli
Chapter: 10
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 Samuweli. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 1 Samuweli Chapter 10 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 1 Samuweli Chapter 10?

1 Samuweli Chapter 10 is part of the Book of 1 Samuweli in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 1 Samuweli Chapter 10 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 1-samuweli

  1. 1 Samuweli Chapter 18
  2. 1 Samuweli Chapter 12
  3. 1 Samuweli Chapter 1
  4. 1 Samuweli Chapter 24
  5. 1 Samuweli Chapter 8
  6. 1 Samuweli Chapter 13
  7. 1 Samuweli Chapter 5

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Numeri Chapter 34
  2. Isaya Chapter 22
  3. 2 IziKronike Chapter 18
  4. AmaHubo Chapter 132
  5. Jeremiya Chapter 39
  6. AmaHubo Chapter 70
  7. AmaHubo Chapter 27

Related Chapters & Readings

  1. 2 IziKronike Chapter 26
  2. IsAmbulo Chapter 9
  3. Marku Chapter 7
  4. 1 AmaKhosi Chapter 9
  5. Hezekeli Chapter 32
  6. Filipi Chapter 3
  7. Duteronomi Chapter 30
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *