Efesu Chapter 5

For English

Read Efesu Chapter 5 Online

Read Efesu Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Efesu in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Efesu and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

A+ A A-

Efesu 5

Isahluko 5

1. Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo,

2. nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.

3. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele,

4. nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube ngukubonga.

5. Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.

6. Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.

7. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.

8. Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,

9. ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,

10. nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini,

11. ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;

12. ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.

13. Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.

14. Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”

15. Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,

16. nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.

17. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.

18. Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,

19. niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,

20. nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,

21. nithobelane ngokumesaba uKristu.

22. Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi,

23. ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.

24. Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke.

25. Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo

26. ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi,

27. ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala.

28. Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.

29. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla;

30. ngokuba singamalungu omzimba wakhe.

31. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye.

32. Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.

33. Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.

About Efesu Chapter 5

Read Efesu Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Efesu in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Efesu
Chapter: 5
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Efesu. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Efesu Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Efesu Chapter 5?

Efesu Chapter 5 is part of the Book of Efesu in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Efesu Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from éfésù

  1. Efesu Chapter 6
  2. Efesu Chapter 4
  3. Efesu Chapter 3
  4. Efesu Chapter 2
  5. Efesu Chapter 1

Explore More from ITestamente Elisha

  1. Johane Chapter 21
  2. KuThithu Chapter 1
  3. Mathewu Chapter 9
  4. 2 Petru Chapter 1
  5. EkaJakobe Chapter 1
  6. Mathewu Chapter 25
  7. KumaHeberu Chapter 9

Related Chapters & Readings

  1. Isaya Chapter 47
  2. Mathewu Chapter 15
  3. Jeremiya Chapter 11
  4. Luka Chapter 24
  5. AbAhluleli Chapter 13
  6. Marku Chapter 2
  7. Hezekeli Chapter 36
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *