Ezra Chapter 4

For English

Read Ezra Chapter 4 Online

Read Ezra Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Ezra in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Ezra and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

Ezra 4

Isahluko 4

1. Kwathi lapho izitha zakwaJuda nezakwaBenjamini sezizwile ukuthi abathunjwa bakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ithempeli,

2. zasondela kuZerubabele nakuzo izinhloko zawoyise, zathi kubo: “Masakhe nani, ngokuba sifuna uNkulunkulu wenu njengani, sinikela kuye kwasemihleni ka-Esari Hadoni inkosi yase-Asiriya owasikhuphulela lapha.”

3. Kepha oZerubabele noJeshuwa nensali yezinhloko zawoyise bakwa-Israyeli bathi kuzo: “Aninandaba nathi yokwakhela uNkulunkulu wethu indlu, kepha thina sodwa siyakumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli njengokusiyala kwenkosi uKoresi, inkosi yasePheresiya.”

4. Abantu balelo zwe base bedangalisa izandla zabantu bakwaJuda, babesabisa ekwakheni,

5. babaqashela abeluleki, bashafisa amasu abo zonke izinsuku zikaKoresi, inkosi yasePheresiya, kwaze kwaba sekubuseni kukaDariyu inkosi yasePheresiya.

6. Ekubuseni kuka-Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe, baloba bamangalela abakhileyo kwaJuda naseJerusalema.

7. Emihleni ka-Aritahishashita oBishilamu, noMithiredati, noThabeyeli, nabanye abangane bakhe baloba ku-Aritahishashita inkosi yasePheresiya; okulotshiweyo kwakunjengokulotshwa kwesi-Aramu, kwachazwa ngesi-Aramu.

8. URehumi unqamulajuqu noShimshayi, umbhali, babhala incwadi enje ku-Aritahishashita inkosi ngeJerusalema ngokuthi:

9. URehumi unqamulajuqu noShimshayi, umbhali, nabanye abangane babo, amaDinayi, nama-Afarisathiki, namaTharipheli, nama-Afarisi, nama-Arikhevi, nabaseBabele, namaShushaniki, namaDehavi, nama-Elamu,

10. nezinye izizwe ezathunjwa ngu-Osinaphari omkhulu nodumileyo, zahlaliswa emzini waseSamariya nakwelinye phesheya koMfula, nokuthi nokuthi.

11. Nansi impinda yencwadi abayithuma ku-Aritahishashita inkosi yokuthi: “Izinceku zakho, abantu abaphesheya koMfula, nokuthi nokuthi.

12. “Makwazeke enkosini ukuthi abaJuda abakhuphuka kuwe sebefikile kithi eJerusalema; bayawakha umuzi ohlubukileyo nonengekayo; sebeyakuqeda izingange, bahlanganise izisekelo.

13. “Makwazeke enkosini, kalokhu, ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange, abayikuthela intela, nenkokhiso, nemali yendlela, okuyakulimaza amakhosi ekugcineni.

14. Njengokuba manje sidla usawoti wendlu yenkosi, kungasifanele ukuba sibone ihlazo lenkosi, ngalokho sithumele sayazisa inkosi

15. ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo, olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo; ngalokho lo muzi wachithwa.

16. Siyazisa inkosi ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange zawo, ngalokho awusayikuba nasiqephu phesheya koMfula.”

17. Inkosi yayisithuma incwadi kuRehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali nabanye abangane babo ababehlala eSamariya nakwelinye phesheya koMfula yokuthi: “Ukuthula, nokuthi nokuthi.

18. “Incwadi enayithuma kithina ifundwe kahle phambi kwami.

19. Ngayaleza, kwacingwa, kufumanisekile ukuthi lowo muzi uziphakamisele amakhosi kwasendulo nokuthi ukuhlubuka nokwambuka kwenziwe phakathi kwawo.

20. Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula; aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.

21. Makuyalezwe ukuba labo bantu bathiywe, ungakhiwa lowo muzi, ngize ngiyaleze mina.

22. Xwayani ukuba ningayekethisi kulokho; kungase kwande ukonakala, kulimaze amakhosi, na?”

23. Lapho impinda yencwadi yenkosi u-Aritahishashita isifundiwe phambi kwawoRehumi noShimshayi umbhali nabangane babo, bashesha baya eJerusalema kubaJuda, babathiya ngezikhwepha nangamandla.

24. Wawusuthiywa umsebenzi wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Wathiywa kwaze kwaba ngumnyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi yasePheresiya.

About Ezra Chapter 4

Read Ezra Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Ezra in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: Ezra
Chapter: 4
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Ezra. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading Ezra Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is Ezra Chapter 4?

Ezra Chapter 4 is part of the Book of Ezra in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete Ezra Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from Ezra

  1. Ezra Chapter 4
  2. Ezra Chapter 1
  3. Ezra Chapter 1
  4. Ezra Chapter 6
  5. Ezra Chapter 3
  6. Ezra Chapter 2
  7. Ezra Chapter 2

Explore More from ITestamente Elidala

  1. AbAhluleli Chapter 7
  2. Jobe Chapter 21
  3. AmaHubo Chapter 75
  4. AmaHubo Chapter 77
  5. Genesise Chapter 16
  6. Numeri Chapter 10
  7. 2 IziKronike Chapter 36

Related Chapters & Readings

  1. Numeri Chapter 36
  2. Levitikusi Chapter 4
  3. Mathewu Chapter 6
  4. 2 AmaKhosi Chapter 22
  5. 2 AmaKhosi Chapter 14
  6. Luka Chapter 13
  7. Amose Chapter 9
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *