2 IziKronike Chapter 15

For English

Read 2 IziKronike Chapter 15 Online

Read 2 IziKronike Chapter 15 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 IziKronike in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 IziKronike and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 IziKronike 15

Isahluko 15

1. UMoya kaNkulunkulu waba phezu kuka-Azariya indodana ka-Odedi;

2. waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.

3. Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho;

4. kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo.

5. Ngaleso sikhathi kwakungekho kuthula kophumayo nakongenayo, ngokuba ukuphaphatheka okukhulu kwakukhona phezu kwabo bonke abakhe ezweni.

6. Isizwe saphahlazwa yisizwe nomuzi ngumuzi, ngokuba uNkulunkulu wabesabisa ngezinkathazo zonke.

7. Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo wawo.”

8. Lapho u-Asa esezwa lawo mazwi nesiprofetho sika-Azariya ka-Odedi umprofethi, waziqinisa isibindi, wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, walivusa i-altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.

9. Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa-Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.

10. Babuthana eJerusalema ngenyanga yesithathu ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kuka-Asa.

11. Bahlabela uJehova ngalolo suku empangweni ababeyilethile, izinkabi ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa.

12. Bangena esivumelwaneni sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo,

13. nesokuba bonke ababengamfuni uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli babulawe, noma bebancane noma bebakhulu, owesilisa noma owesifazane.

14. Bafunga kuJehova ngezwi elikhulu, nangokukhamuluka, nangamacilongo, nangemitshingo.

15. Wonke uJuda wathokoza ngesifungo, ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo; uJehova wabaphumuza nxazonke.

16. Wamsusa uMahakha unina ka-Asa inkosi ebukhosikazini, ngokuba wayemenzele u-Ashera isithombe esinengekayo; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

17. Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; nokho inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe.

18. Wangenisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.

19. Akwabe kusaba khona ukulwa kwaze kwaba semnyakeni wamashumi amathathu nanhlanu wokubusa kuka-Asa.

About 2 IziKronike Chapter 15

Read 2 IziKronike Chapter 15 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 IziKronike in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 IziKronike
Chapter: 15
Testament: Old Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 IziKronike. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 IziKronike Chapter 15 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 IziKronike Chapter 15?

2 IziKronike Chapter 15 is part of the Book of 2 IziKronike in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 IziKronike Chapter 15 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2 Izikronike

  1. 2 IziKronike Chapter 5
  2. 2 IziKronike Chapter 7
  3. 2 IziKronike Chapter 32
  4. 2 IziKronike Chapter 20
  5. 2 IziKronike Chapter 10
  6. 2 IziKronike Chapter 34
  7. 2 IziKronike Chapter 19

Explore More from ITestamente Elidala

  1. Joshuwa Chapter 7
  2. IsiLilo Chapter 5
  3. 2 AmaKhosi Chapter 8
  4. IsiHlabelelo SeziHlabelelo Chapter 5
  5. AmaHubo Chapter 98
  6. Jeremiya Chapter 14
  7. Jobe Chapter 23

Related Chapters & Readings

  1. Hezekeli Chapter 26
  2. 2 AmaKhosi Chapter 3
  3. Ezra Chapter 7
  4. Isaya Chapter 48
  5. Eksodusi Chapter 25
  6. AmaHubo Chapter 56
  7. Mathewu Chapter 21
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *