Read Kolose Chapter 4 Online
Read Kolose Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Kolose in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of Kolose and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
Kolose 4
Isahluko 4
1. Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini.
2. Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.
3. Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo,
4. ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.
5. Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.
6. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
7. Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini,
8. engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, aduduze izinhliziyo zenu,
9. kanye no-Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo, ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha.
10. Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye — uma efika kini mamukeleni —
11. noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi.
12. Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.
13. Ngokuba ngingufakazi wakhe wokuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi.
14. Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema.
15. Khonzani kubazalwane abaseLawodikeya, nakuNimfa, nasebandleni lakwakhe.
16. Nxa le ncwadi isifundiwe kini, bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya.
17. Nimtshele u-Arkiphu, nithi: “Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.”
18. Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami, mina Pawulu. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.
About Kolose Chapter 4
Read Kolose Chapter 4 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of Kolose in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: Kolose
Chapter: 4
Testament: New Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading Kolose. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading Kolose Chapter 4 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is Kolose Chapter 4?
Kolose Chapter 4 is part of the Book of Kolose in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete Kolose Chapter 4 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from ITestamente Elisha
- IsAmbulo Chapter 16
- IsAmbulo Chapter 10
- Mathewu Chapter 1
- IsAmbulo Chapter 3
- IsAmbulo Chapter 2
- IsAmbulo Chapter 7
- IsAmbulo Chapter 1
Explore More from kolose
- Kolose Chapter 4
- Kolose Chapter 1
- Kolose Chapter 4
- Kolose Chapter 1
- Kolose Chapter 3
- Kolose Chapter 2
- Kolose Chapter 3