2 Petru Chapter 2

For English

Read 2 Petru Chapter 2 Online

Read 2 Petru Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Petru in the New Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 2 Petru and the Holy Bible online.

Choose a Chapter

2 Petru 2

Isahluko 2

1. Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;

2. nabaningi bayakulandela amanyala abo; ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa;

3. nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.

4. Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa,

5. nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;

6. nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu;

7. noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa —

8. ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho —

9. iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,

10. ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,

11. kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi.

12. Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,

13. bamukele umvuzo wokungalungi. Labo bathi ukutamasa emini kungukujabula; bayizisihla nezinsolo, bezitika ekukhohliseni kwabo bedla nani;

14. benamehlo agcwele ukuphinga nangayeki izono, bayenga imiphefumulo engaqinile, benenhliziyo ejwayele ukufisa, abantwana bokuqalekiswa,

15. beshiya indlela eqondileyo beduka, belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi,

16. kepha waba nokusolwa ngenxa yokweqa kwakhe umthetho: imbongolo eyisimungulu yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqabela ukuhlanya komprofethi.

17. Labo bayimithombo engenamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho, abagcinelwe ubumnyama bobumnyama.

18. Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;

19. bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.

20. Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.

21. Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe.

22. Kubehlele njengokwesaga esiqinisileyo esithi: “Inja yabuyela ebuhlanzweni bayo,” nokuthi: “Ingulube igezwe qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.”

About 2 Petru Chapter 2

Read 2 Petru Chapter 2 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 2 Petru in the New Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.

Book Information

Book: 2 Petru
Chapter: 2
Testament: New Testament

How to Read this Chapter

Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 2 Petru. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.

https://www.youtube.com/watch?v=rzsT_Q3KLzE

More Resources

Continue Reading the Bible

Continue reading 2 Petru Chapter 2 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.

Frequently Asked Questions

What is 2 Petru Chapter 2?

2 Petru Chapter 2 is part of the Book of 2 Petru in the Holy Bible.

Can I read this chapter online?

Yes. You can read the complete 2 Petru Chapter 2 online for free with easy chapter navigation.

More Chapters from 2-petru

  1. 2 Petru Chapter 2
  2. 2 Petru Chapter 1
  3. 2 Petru Chapter 3
  4. 2 Petru Chapter 3
  5. 2 Petru Chapter 1

Explore More from ITestamente Elisha

  1. Kolose Chapter 3
  2. Luka Chapter 19
  3. Mathewu Chapter 6
  4. AmaRoma Chapter 11
  5. IzEnzo Chapter 10
  6. EkaJakobe Chapter 3
  7. AmaRoma Chapter 15

Related Chapters & Readings

  1. Jobe Chapter 15
  2. Duteronomi Chapter 30
  3. 1 Samuweli Chapter 18
  4. Isaya Chapter 34
  5. AmaHubo Chapter 146
  6. Genesise Chapter 48
  7. Isaya Chapter 27
Share Your Love

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *