Read 1 AmaKhosi Chapter 5 Online
Read 1 AmaKhosi Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 AmaKhosi in the Old Testament. Browse every verse with easy chapter navigation, continue to the next chapter, or explore the complete Book of 1 AmaKhosi and the Holy Bible online.
Choose a Chapter
1 AmaKhosi 5
Isahluko 5
1. UHiramu inkosi yaseTire wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayezwile ukuthi ugcotshiwe abe yinkosi esikhundleni sikayise, ngokuba uHiramu wayengumngane kaDavide njalo.
2. USolomoni wathumela kuHiramu, wathi:
3. "Wena uyazi ukuthi uDavide ubaba wayengenakwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wakhe indlu ngenxa yezimpi ezazimzungeza nxazonke, uJehova waze wazibeka phansi kwamathe ezinyawo zakhe.
4. Kepha manje uJehova uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nxazonke; kakho omelana nami, akukho ngozi.
5. Bheka, sengicabanga ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova akhuluma kuDavide ubaba, ethi: 'Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yona iyakwakhela igama lami indlu.'
6. "Ngalokho yaleza ukuba bangigawulele imisedari eLebanoni, izinceku zami zibe nezakho; ngiyakukunika inkokhelo yezinceku zakho njengakho konke ongakusho, ngokuba wena uyazi ukuthi akukho muntu kithi ongagawula imithi njengamaSidoni."
7. Kwathi uHiramu ezwile amazwi kaSolomoni wathokoza kakhulu, wathi: "Makabusiswe uJehova namuhla omnikile uDavide indodana ehlakaniphileyo phezu kwalabo bantu abakhulu."
8. UHiramu wayesethumela kuSolomoni, wathi: "Ngizwile lokho okuthume kimi; mina ngiyakwenza konke okufunayo ngemisedari nangemisayipuresi.
9. Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebanoni, ziyiyise elwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba elwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe khona; wena wozithatha khona, ufeze engikufunayo ngokubapha abendlu yami ukudla."
10. UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari nemisayipuresi njengakho konke ukufuna kwakhe.
11. USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.
12. UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili.
13. Inkosi uSolomoni yabiza izisebenzi kubo bonke abakwa-Israyeli; izisebenzi zaba ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu.
14. Wabathuma eLebanoni, beyizinkulungwane eziyishumi ngenyanga, bededelana; babe seLebanoni inyanga, babe sekhaya izinyanga ezimbili; u-Adoniramu wayephezu kwezisebenzi.
15. USolomoni wayenabathwalayo imithwalo abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa, nababazi bamatshe ezintabeni abayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili,
16. ngaphandle kwezinduna ezinkulu zikaSolomoni ezaziphethe umsebenzi, izinkulungwane ezintathu namakhulu amathathu, ezazibusa abantu ababewenza umsebenzi.
17. Inkosi yayala, baqopha amatshe amakhulu, amatshe anenani elikhulu, ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo.
18. Abakhi bakaSolomoni nabakhi bakaHiramu nabaseGebali bawabaza, balungisa imithi namatshe ukwakha indlu.
About 1 AmaKhosi Chapter 5
Read 1 AmaKhosi Chapter 5 online from the Holy Bible. This chapter is part of the Book of 1 AmaKhosi in the Old Testament. Continue reading with the chapter navigation above or explore the complete book.
Book Information
Book: 1 AmaKhosi
Chapter: 5
Testament: Old Testament
How to Read this Chapter
Use the Previous and Next Chapter buttons to continue reading 1 AmaKhosi. You can also adjust the font size for comfortable reading and browse other books of the Bible using the navigation links.
More Resources
Continue Reading the Bible
Continue reading 1 AmaKhosi Chapter 5 and explore every book, chapter and verse of the Holy Bible. Use the navigation links above and below to move through the Scriptures with ease.
Frequently Asked Questions
What is 1 AmaKhosi Chapter 5?
1 AmaKhosi Chapter 5 is part of the Book of 1 AmaKhosi in the Holy Bible.
Can I read this chapter online?
Yes. You can read the complete 1 AmaKhosi Chapter 5 online for free with easy chapter navigation.
More Chapters from 1 Amakhosi
- 1 AmaKhosi Chapter 12
- 1 AmaKhosi Chapter 7
- 1 AmaKhosi Chapter 21
- 1 AmaKhosi Chapter 19
- 1 AmaKhosi Chapter 17
- 1 AmaKhosi Chapter 8
- 1 AmaKhosi Chapter 16
Explore More from ITestamente Elidala
- Daniyeli Chapter 4
- Isaya Chapter 3
- Genesise Chapter 36
- 2 Samuweli Chapter 7
- AmaHubo Chapter 65
- Eksodusi Chapter 8
- Isaya Chapter 59